UKUTHOLA ulwazi lokufukula nokuthuthukisa amabhizinisi ohlelweni lwaminyaka yonke lombukiso wamabhizinisi oba sezindaweni ezahlukene eThekwini namaphethelo, i-Durban Business Fair, sekwenze oMnuz Gcinikhaya Hlengane noMlindeni Mngadi banentshisekelo yokwenza umehluko emphakathini.
Laba bobabili bayingxenye yosomabhizinisi abangaphezu kuka-170 abebekhangisa ngezinhlobo ezahlukene zamabhizinisi abo embukisweni i-Business Fair obuhlelwe wuMasipala weTheku ekupheleni konyaka odlule, baphinde baklonyelisiwa ngomsebenzi abawenzayo.
UHlengane odabuka eMatatiele, e-Eastern Cape, kodwa osezinze eThekwini, ungumsunguli wenkampani eyenza izimpahla zokugqoka Izinga Originals. Uthe uzimisele ukusebenzisa lonke ulwazi aluthole ohlelweni lukaMasipala weTheku ukucobelela abanye abeza ngemva kwakhe ngolwazi lokuqala amabhizinisi.
“Ngifuna bakholwe wukuthi uma bezimisela futhi bezihlupha ngolwazi lwamabhizinisi ehlukene nadingekayo emphakathini bangaba sezingeni lethu nangaphezulu kwalokho, ikakhulu ngoba mina ngiyakuqonda futhi ngokwazi kwami ukuthi akuyena wonke umuntu ozophumelela ngesikole kuphela. Ukunaka amakhono nokuqala amabhizinisi ngenye yezindlela ezisizayo nezithela izithelo kwabafuna ukuzimela empilweni yabo,” kusho uHlengane.
UMngadi ongumlimi ongumnikazi we-Rambo Brands, ibhizinisi lemfuyo nezolimo elizinze eThekwini, naye uthe ukuba yingxenye yalo mbukiso wosomabhizinisi kwenza wabona ukuthi abantu basemalokishini balulambele kangakanani ulwazi lokufuya nokuchuma kule ndima ngoba inamathuba amaningi.
“Sengivele ngiqalile ngilungiselela ukuqala izinhlelo zokuhambela ezindaweni ezahlukene zasemalokishini ukubacobela ngolwazi lwezokulima nokufuya ukusiza ukuthi kuliwe nenkinga yendlala futhi kumelwane nokubiza kokudla ezitolo,” kusho uMngadi osenamagatsha amathathu ebhizinisi, kubalwa neliseMgungundlovu, futhi usenabasebenzi abawu-11.