UMSAKAZI weTru FM u-Abongile Mangala nonkosikazi wakhe uKwanele bagonyuluka ngezinkinga ezaholela ekutheni kube nofa emshadweni wabo nokuthi benza kanjani ukuzilungisa, encwadini yabo entsha.
U-Abongile wethula uhlelo oluthi Isigqi Sesizulu emsakazweni wentsha ozinze e-Eastern Cape osakaza ngesXhosa nesiNgisi.
UKwanele no-Abongile, babhale ngokubambisana incwadi esihloko sithi When The Storm Is Over, eqale ukutholakala kubona namhlanje.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe, u-Abongile wodumo lwezinkulumo ezakhayo kuKhozi FM, uthe le ncwadi yelama eyokuqala ethi, Vows Broken Too Soon, ayikhipha ngo-2019, emva kokwehlukana nomkakhe ngo-2018, besenonyaka kuphela beshadile.
“Ukulungisa kwethu izinto, savuselela umshado wethu kabusha ngo-2020, kwenza saba nombono wokuthi sibhale incwadi ehluba udlubu ekhasini ngesidlule kukho.
“KwiWhen The Storm Is Over siqhubeka lapho engagcina khona kwiVows Broken Too Soon, kuyona engangichaza uhlangothi lwami ngokwasixabanisa nomkami.
“Kulena yesibili umkami uthole ithuba lokuveza uhlangothi lwakhe, engikholwa wukuthi kuningi abantu abazokufunda ngokuphathana emshadweni.”
Eqhuba, uthe kule ncwadi esitholakala kubona bobabili kusukela namuhla, nabangashadile bazofunda lukhulu kuyo ngoba baphinde bakhuluma ngempilo jikelele.
“Phakathi kokunye esikhulume ngakho, wubunzima engidlule kubo ngivolontiya iminyaka engu10 eSABC ngethula izinkulumo ezakhayo. Ngangihlale ngazi kodwa ukuthi kuyogcina kulungile. Ngangenza into engiyithandayo, ngangingakuthathi njengomsebenzi. Nangempela kwenzeka engangiphupha ngakho, ukuba umsakazi ovelele njengoba senginohlelo engilwethulayo kwiTru FM.”
“Umkami ukhulume ngobunzima adlule kubo emva kokuphuphunyelwa yisisu sisanda kushada,” kuphetha u-Abongile.