AMAPHOYISA ashanela kwasani eyisigebengu nesaphulamthetho emgwaqweni nasemiphakathini ngaphansi komkhankaso wawo, i-Operation Shanela, ngalesi sikhathi samaholidi.
Abakwasidlodlo bathe ukuxhaphaka kotshwala nemali ngoDisemba kunomthelela ekwandeni kokuphulwa komthetho.
Amaphoyisa athe kusukela ngo-Okthoba kuze kube sekupheleni kukaJanuwari, sizoqina isandla ukuze kuqinisekiswe ukuthi ugcinwa njengoba unjalo umthetho futhi uyanciphisa umhlaba wezigilamkhuba.
IPhini loMkhuzi wamaPhoyisa, uLieutenant General Tebello Mosikili, lithe abanye abasebenzi basuke bebhonasile, abantu behlukanisa izitokofela futhi kunemali ekade ilondoloziwe unyaka wonke esuke isisetshenziswa.
“Elakuleli lingelinye lamazwe akleliswe phezulu elisebenzisa kakhulu amanzi amponjwana okugcina kubeka impilo yabanye abantu engcupheni yokwenzakaliswa. Abantu abaphuze ngendlela efanele futhi bazinakekele,” kusho usigaxamabhande.
Uveze ukuthi umkhankaso wabo, i-Operation Shanela ukhuculula kwasani ephambene nomthetho futhi bengamaphoyisa basebenza ngokubambisana neminyango yezokuphepha nobulungiswa.
Uthe ngalesi sikhathi samaholidi balwa kakhulu nohlobo oluthile lobugebengu obuvame ukugqama ngalesi sikhathi sonyaka.
Uveze ukuthi amacala athinta udlame lwasemindenini nawobulili, ukushushumbiswa nokuhweba ngezimpahla zomgunyathi, ukuvikelwa nokuphepha kwemingcele nokuphepha emgwaqweni kuseqhulwini.
Uthe bazophinde balwe nobugebengu bokufunwa ngodli kwenkokhelo yemali ngabantu abathunjiwe okanye ngemisebenzi yamathenda.
“Sizolwa nanokugqekezwa kwemizi. Abantu abaye emaphoyiseni basho ukuthi bazobe bengekho emakwabo ngala maholidi khona kuzothi uma amaphoyisa eseqapha ubugebengu, agxile kakhulu nangasemizini abangekho abanikazi bayo. Sizolwa nanobugebengu bokudunwa kwezimoto,” kusho u-Lt General Mosikili.
Ube esexwayisa abantu emalokishini nasemakhaya wathi kuzobe kuphithizela iphoyisa.
Amaphoyisa athe abona ngesikhathi somvalelandlini owadalwa wukubheduka kobhubhane i-Covid 19 kwanda izigameko ezibikwayo zodlame lwasemindenini, ngakho azokube emehlo mane.
U-Lt General Mosikili uthe kazibaniki ukuphumula izigameko zokubulawa kwabantu emiphakathini.
“Senza ngakho konke okusemandleni siwumbutho wamaphoyisa nohulumeni ukubopha abasolwa futhi senze isiqiniseko sokuthi kuba nobulungiswa.”