ZIZOSHIYANA ngomshefezo emaqenjini ahlukene ezepolitiki njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke nonyaka.
Cishe wonke amaqembu aseqalile ukushanela amabala wena owabona kuzongena udwendwe. Esikhathini esiningi uma kuyiwa okhethweni kuvame ukuthi kuvele amaqembu amasha.
Angaphezu kwenkulungwane amaqembu abhalisile ngaphansi kweKhomishini eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC).
Ngokolwazi olucashunwe esizindeni solwazi lwe-IEC, awu-1758 esewonke amaqembu abhalisile, bese ebawu-362 kuzwelonke kanti awu- 1396 abhalisele ezingeni lomasipala.
Abalelwa ku-27 abhaliswe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule njengoba imagwala maningi.
I-IEC ikuvezile ukuthi ilindele ukuthi kuqopheke umlando ngokuba nohlu olude lwamaqembu azovotelwa kulo nyaka, okuhlanganisa nabazongenela ukhetho ngokuzimela.
Okugqamile wukuthi kuwona wonke amaqembu amasha, kanjalo nakhona cishe ayabalwa aholwa abesifazane kuleli.
Umbuzo osele uthi ngabe amaqembu azokwazi ukufika kuzwakale atape amavoti eqenjini elibusayo i-ANC, noma anxenxe abavoti abangabhalisile ukuthi baphume bayovota njengoba becela ngaphezu kuka-10 million, noma wothekwane nje abazibuka emanzini?
Bangobani abasungule amaqembu amasha ?
Jabulani Khumalo
UMnuz Jabulani Khumalo owabhalisa iqembu elisha uMkhonto weSizwe futhi oyibamba likamengameli walo, uzichaza njengendoda edabuka eNkandla. UKhumalo uthi uyilungu le-ANC elidala futhi usemkantshubomvu emzabalazweni wenkululeko.
Kuvela ukuthi usondelene kakhulu nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, abahambisana naye eqenjini uMkhonto weSizwe.
Songezo Zibi
UMnuz Songezo Zibi ongumholi weRise Mzansi, udabuka eMqanduli, e-Eastern Cape. Ungumbhali futhi wake waba ngumhleli wamaphephandaba iFinancial Mail neBusiness Day. Uninalume nguMnuz Vuyani Zibi, wayeyisishoshovu senkululeko eyilungu le-ANC noMkhonto weSizwe. Wagcina ebulewe amaphoyisa obandlululo ngo-1982, eMaseru, eLesotho.
Mmusi Maimane
UMnuz Mmusi Maimane ongumholi weBuild One South Africa (BOSA), udabuka eKrugersdorp, eGauteng. UMaimane uyaziwa kwezepolitiki ngoba uke waba ngumholi weDA. Wesula kwiDA emuva kwesimo esasimuncu phakathi kwakhe neqembu lakhe.
Kuvela ukuthi uMaimane ubuye abe ngusomabhizinisi kanti ngaphandle kwalokho ungumfundisi webandla, iLiberty Church.
Themba Buthelezi
UMnuz Themba Buthelezi ongumholi weGap Fixers of South Africa, ungusomabhizinisi odabuka oPhongolo, KwaZulu-Natal. Ubonakale ehambisana noMnuz Sbu Mpisane, wodumo lwamabhizinisi amathenda eThekwini.
Lizwi Ncwane
Iqembu i-Afrika Unite Congress, liqhamuke noMnuz Lizwi Ncwane odume ngokuba yilungu lokuqina lenkolo yamaNazaretha, ohlangothi lwaseBuhleni, oluholwa nguNyazi lweZulu. UNcwane wethule iqembu lakhe wase ejoyinwa wuMnuz Thembinkosi Ngcobo, oke waba yisikhulu sikaMasipala weTheku. Ujoyinwe nanguMnuz Vusi Khoza, obenguSihlalo we-EFF KwaZulu-Natal
Ace Magashule
Obengunobhala -jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, uqhamuke ne-African Congress for Transformation (ACT). UMagashule odabuka eParys, eFree State, usungule leli qembu emuva kokuxoshwa kwi-ANC. UMagashule wethweswa amacala ngaphakathi kuKhongolose agcina emlahla, wakhonjwa indlela.
UMagashule unomlando ojulile kwezepolitiki kuleli futhi waziwa ngokusondelana noMnuz Jacob Zuma oke waba ngumengameli.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe amanye alawa maqembu azophelela emoyeni njengentuthu.
UKhumalo uthe amaqembu azokuya okhethweni evele azi kahle kamhlophe ukuthi ngeke anqobe.
“Amaqembu amancane angena kwipolitiki ebe ezazi ukuthi mancane. Asuke azi ukuthi abhekene nezinkunzi. Inhloso yamaqembu amancane kusuke kuwukugovuza izinhlaka zomphakathi abona sengathi azinakiwe. Njengoba kukhona oMngxitama (uMnuz Andile, umholi wenhlangano iBlack First Land First) abakhuluma ngodaba lokubuyiswa komhlaba, kube khona oDudula, abakhuluma ngendaba yokuxoshwa kwabantu bokufika abangene kuleli ngokungekho emthethweni. Inhloso yabo enkulu ukukhuluma ngalezi zihloko. Bayazi ukuthi ukhetho ngeke balunqobe.”
UKhumalo uthe amanye amaqembu azogcina esebenzisana ne-ANC kepha athi afuna ukuyikhipha emandleni.
“Yingakho iningi labantu abashiya kwi-ANC bekhetha ukungavoti ngoba bayazi ukuthi amaqembu amancane agcina ekhetha ukusebenzisana ne-ANC, emva kokhetho. Inkinga enkulu ukuthi amaqembu amancane awahlangene.”
Okugqamile kulawa maqembu asanda kusungulwa ukungabi bikho kwabaholi besifazane.
UKhumalo uthe kufanele kube nezinhlelo zokucija abesifazane kanye nabantu abasha ukuze bakulungele ukuphatha izikhundla.
“Abantu besifazane abaningi abakulungele ukuphatha izikhundla. Nalabo abakulungele abanikezwa ithuba. Amadoda afuna ukuba kuqokelwe ezikhundleni abesifazane abangenamgogodla, khona bezobalawula. Lento ayenzeki nje kwipolitiki kuphela kodwa yenzeka nakweminye imikhakha.”