KUNXUSWA umphakathi ohlala enyakatho nasentshonalanga yeTheku ukuthi wonge amanzi ngoba kuzobe kulungiswa umsele ophakela isihlanzi-manzi, iDurban Heights neMaphephetheni Water Treatment Works, kuleli sonto.
UMasipala weTheku uthe ukulungiswa kwalo msele kuzoqala ngoLwesithathu kuze kube uLwesihlanu. Ngesikhathi kulungiswa umsele ohambisa amanzi kulezi zizikhungo, zizobe zingasebenzi ngoba kuzobe kusetshenziswa amanzi agcinwe emathangeni. Umasipala uxwayise ngokuthi uma engeke ongiwe amanzi kungenzeka aphele.
Izindawo ezizothinteka kubalwa, emseleni osenyakatho, iNorth Aquaduct, okuyi-Aloes, Avoca, Phoenix, Mount Moriah, KwaMashu, Ntuzuma, Nanda, Mzinyathi, Etafuleni, Newlands, Effingham, Mountview, Trenance , Oaklands, Buffelsdraai, Parkgate, Maoti, La Lucia, Gateway, Glenashley, Beachway, Mhlanga, Durban North, Sea Cow Lake, Springfield neMt Edgecombe.
Emseleni, iSouth Aqueduct, izindawo ezizothinteka iWestville, Northdene, Queensburgh, Malvern, Chatsworth, Shallcross, Savannah Park, Nagina, Kwasanti, Mawelewele, Welbedatch East neWest, Luganda, Nteke, Klaarwater, Montford, Risecliffe, Moorton , Crossmoor, Woodhurst, Arena Park, Mlaza, Nsimbini, Folweni, Golokodo, Maphephetheni, Mshazi naKwaNgcolosi.