IZIHLATHI zivakashela izindlebe kubasebenzi bomkhakha wensimbi emuva kokuthi izinyunyana zabo zisayine isivumelwano sokuthi amaholo abo anyuswe ngo-7% kusukela ngoJulayi.
UNobhala Jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim umemezele ukuthi basayine isivumelwano seminyaka emithathu nabaqashi ngoMsombuluko.
Uthe amaholo azonyuka ngo-7% ngonyaka wokuqala bese ngonyaka wesibili nowesithathu anyuke ngo-6%.
Uveze ukuthi babuye bakwazi nokuphakamisa udaba lokuthi abasebenzi baxhaswe uma beuthenga izindlu.
“Kuzobhekwa ukuthi imali ezosiza abasebenzi ukuthenga izindlu izotholakala kanjani bese siyaziswa kungakapheli izinyanga ezintathu.Siyajabula ukuthi sivumelane nabaqashi ngoba siye sabacela ukuthi beze nemali engcono. Sitholele abasebenzi isivumelwano esingaphezu kwamandla emali njengoba eku-5.3% thina sathola u-7%,” kusho uJim.
Izinyunyana ezisayine isivumelwano yi-UASA eyayibizwa nge-United Association of South Africa, Numsa, South African Equity Workers Association (Saewa) neMetal and Electrical Workers’ Union of South Africa (Mewusa). INational Union of Mineworkers ithe isazokhuluma namalungu ayo.
Inyunyana ezigqaja ngokumela abasebenzi abanamakhono (ama-artisan nonjiniyela), iSolidarity, ithe ayihambisani nalesi sivumelwano ngoba amalungu ayo azonyuselwa amaholo ngo-6% bese kufana nokuthi anyuswe ngo-2% uma sekudonswe imali edonswa nyangazonke.