AYIZOXHAMAZELA noma ithathe ngelukuluku i-ANC uma isinquma ngekusasa le-DA kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene kuleli i-GNU ngoba ukutatazela kona izinto.
Lokhu kushiwo nguMengameli we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ekhuluma nabezindaba emuva kokuhambela igatsha lakhe eSoweto, eGoli.
Ubekhuluma ngomhlangano wale nhlangano okumele unqume ngekusasa le-DA kwi-GNU, kulandela ukuvotela kwaleli qembu ukungaseseki isabelomali ngeledlule, ePhalamende.
URamaphosa uthe yisikhathi sokuthi bacubungule ubudlelwano namaqembu ahlukene akwi-GNU.
"Sinxusa abantu ukuthi basinike isikhathi ngoba sicubungula kabanzi ubudlelwano namaqembu akwi-GNU ngemuva kokuthi amanye awo achitha ukuvotela isabelomali. Asifuni ukuxhamazela noma sitatazele uma sesithatha isinqumo ngoba ukuxhamazela kuyazona izinto."
Uthe yingakho isigameko sangeledlule sizothulwa ezithebeni zekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwe-ANC, bese luya esigungwini esiphezulu sale nhlangano.
"Sizoxoxa kabanzi bese kuba amalungu e-ANC azonquma ngokumele kwenziwe. Sizobe sesazisa umphakathi ngesizokwenza," kuchaza uRamaphosa.
Uthe bakhona osomabhizinisi abababhalele benomholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, bezwakalisa ukukhathazeka bethi akumele kuphele ubudlelwano be-ANC ne-DA kwi-GNU.
"Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi noma ngubani angasibhalela, azwakalise ukukhathazeka ezweni njengoba abamabhizinisi benzile. Kodwa asizwa ngabo, isinqumo esizosithatha ngeke siphume kubona noma lokho abakufunayo. Isinqumo sizothathwa abantu abakhethiwe nakuba abamabhizinisi siwuhlonipha umbono wawo nokukhathazeka abanakho ngezwe," usho kanje.
Uveze ukuthi kodwa okucace bha ngukuthi indlela amanye amaqembu enze ngayo kudingeka ibukwe kabanzi yi-ANC ukuze ngomuso kungaphindi esifanayo.
URamaphosa ubuye wachaza ngesivumelwano ababe naso ne-ActionSA, esolwa amanye amaqembu ngokuba abadayisi njengoba ihambe phambili ngesikhathi kuvotelwa ukweseka isabelomali.
"Uhlelo olukhona manje ezithebeni zikaMgcinimafa, ukubheka ukuthi ingathathwaphi imali engavala igebe lika-R13.5 billion, ukuze inganyuki intela efakwa uma kuthengwa impahla i-VAT ngo-0.5%. UMgcinimafa uzobe esethula umbiko ngokuthi kuzokwenzeka itholakale noma igcina ngokuthi ingatholakali le mali ukuze kunganyuswa i-VAT kusuka ngenyanga ezayo."
Inkiyankiya yokunyusa i-VAT iyona esuse umsindo emaqenjini ahlukene ePhalamende okuyiwona abengayizwa, ethi awafuni inyuswe ngoba izoshaya abantu abahlwempu.
URamaphosa uthe kubalulekile ukuthi abaholi be-ANC bahambele amagatsha abo, bathole ukuthi enzani.
"Njengoba simatasa nokwakha kabusha inhlangano, sinqume ukuya emagatsheni ethu senze nezinhlelo. Sizobika ngesikwenzayo emagatsheni ethu ukuze sisondele ebantwini sizwe nezinkinga zabo njengoba sibheke nasokhethweni," kusho uRamaphosa.