IMOTO: Volvo XC90
UFUNDA lolu daba nje namuhla sekusele isikhathi esingangenyanga ukuba kuye ngawo amagama enkehli ngokutheleka kwenkunzimalanga ye-volovol, iVolvo XC 90 osekuphele unyaka silokhu sibikezela ukufika kwayo. Angikusho nje ngingahlonizi ukuthi iNingizimu Afrika izothola le XC 90 SUV ivele isikhona kwamanye amazwe.
Phela iVolvo XC90 yethulwe okokuqala ngqa eStockholm ngasekuqaleni kuka-Agasti 2014. Kanti kwaVolvo bathi ngayo bavezela abantu emhlabeni jikelele unyawo olusha asebeshaya ngalo.
Phela iphuma nobuchwepheshe obubizwa nge- Scalable Product Architecture (SPA). Uma bechaza, bathi ngalobu buchwepheshe i-XC90 izwakala iyimoto encane entofontofo, uma ungaphakathi kuyo uyakhohlwa ukuthi ingqovungqovu ye-SUV.
I-XC90 izodlisela ogageni i-BMW X5 kanjalo ne-Mercedes Benz M Class. Ithathwa njengemoto ekhombisa isithombe sokuthi zizobukeka kanjani izimoto zakwaVolvo esikhathini esizayo.
Iphuma ne-Run-off Road Protection Package esiza ekutheni uma kwenzeka iphaphalaza iphuma emgwaqweni, amabhande abambe ngqi abagibeli asondeze umgogodla esihlalweni sangemuva ukuvikela ukulimala ngemuva.
Akugcini lapho kodwa uma imoto iba nenkinga iqonda kwezinye izimoto emzileni ophambanayo, i-XC 90 iyakwazi ukuzibamba amabhuleki ngendlela ephephile ingashayisi.
Noma sisazobona ukuthi kuzokwenzeka yini abakushoyo ukuthi isakhiwo sayo sikhombisa isitayela esisha sezimoto zakwaVolvo njengebhonethi endlalekile njengoba kwakuvele kunjalo nakwendala. Okuhle ukuthi nakuba kunjalo kodwa umshayeli uyakwazi ukubona kahle umgwaqo ngaphandle kokuphazamiseka.
Ezinhlangothini ithe ukucija, amasondo ayo aze afike ku-22 inch ngobukhulu. Ochwepheshe abebehlanganisa le moto bathi yiyona kuphela kwaVolvo ingaphakathi layo elisezingeni lamakhosi nezitatanyiswa njengoba beqale ngayo ukukhombisa unyawo olusha.
Bathi ubufakazi balokhu i-touch screen ewubukhazikhazi, iqhosha le gearlever elizishaya sangilazi, izinkinobho ezigqize ngokuzishaya sadayimane ne-subwoofer yeBowes ne-Wilkins.
Injini ye-XC90 edonsa ngophethroli ingu 2.0 litre, 4 cylinder. Kukhona enamandla amakhulu engu-T8 Twin turbocharger ekhiqiza amandla afinyelela ku-295kW.
Ezinye izinhlobo zezinjini kubhekeke ukuba kwaVolvo bazimemezele uma sekusondele ukwethulwa kwe-X90 ezingeni lomhlaba isisatshalaliswa emazweni ahlukene. Kodwa abanye bathi ngeke isale injini engu-D5 Twin turbo edonsa ngodizili ekhiqiza amandla afinyelela ku-165kW netorque engu-470Nm.