ABAMAZWE ase-Afrika belule isandla banikelela abakuleli abakhahlanyezwa izikhukhula abahlala emafulethini asePhoyinti eThekwini.
Amanxusa amazwe ase-Afrika angaphansi kwenhlangano iSouthern African Development Community (iSADC), akuleli anikele ngamavawusha okudla azosiza imindeni eyakhahlanyezwa yizikhukhula.
Abakhahlanyezwa izikhukhula ebebekhoseliswe emahholo omphakathi bathuthelwe kwezinye izindawo zokuhlala ngenyanga edlule.
UMnuz Yah Tshikomo Juvenal oyinxusa laseCongo elikuleli, uthe amanxusa amazwe ase-Afrika akuleli ahlanganile aqoqa imali ukuze afake isandla akhombise ukuzwelana nemindeni eyakhahlamezeka ngesikhathi sezikhukhula.
“Lena yindlela esikhombisa ngayo ukuthi aninodwa kukho konke enikwenzayo ukusiza imindeni eyathinteka," kusho yena.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe kuningi osekwenziwe kusukela kwahlasela izikhukhula ezadala umonakalo emizini yabantu nakwingqalasizinda yamanzi nokuhanjiswa kwendle eThekwini.
Uthe amapayipi amaningi aselungisiwe nezinye izikhungo ezihlanza amanzi sezilungisiwe kodwa umsebenzi usaqhubeka.
Uqhube wathi bayaluthakasela kakhulu usizo olufana nalolu olulethwe iSADC.
" badilikelwa amakhaya njengamanje bahleli kwezinye izindawo ezingcono kunamahholo lapho bebengakwazi nokukhiya uma behamba. Siyazi ukuthi nakhona lapha behlala khona basabhekene nezingqinamba zokuthi akufani nasekhaya.Abanye sebehlukene nemindeni yabo, abanye abasekho eduze kwalapho bebesebenza khona nezingane azisafundi ezikoleni ezizijwayele. Siyethemba ukuthi ukwakhiwa kwezindlu zabo kuzoshesha ukuze babuyele endleleni ejwayelekile yempilo," kusho uNkk Dube-Ncube.