AZIYINGENI indaba yokukhethwa ngamadoda anothile eMkhosini woMhlanga izintombi nto futhi azizigcineli nomendo kodwa konke kumayelana nokuphila impilo ehlelekile.
Zisho kanje izintombi nto ezingaphansi kwenhlangano yezintombi, iHlalangentombi, njengoba zilungiselela impelasonto enkulu yoMkhosi woMhlanga waminyaka yonke ozobe usesigodlweni seSilo, eNyokeni. Ezinye zalezi zintombi nto bezisemkhulekweni zikhulekela uhambo oluhle oluya kulo mkhosi obubizwa ngeSiyaya eMhlangeni Prayer obuseMlaza.
Zithi ziyazi ukuthi njengoba kuzobe kuwuMkhosi woMhlanga ngempelasonto kunamadoda asuke ‘ezotheza’ ezintombini ngoba efuna ukuganwa yizintombi nto. Bathi siphelile leso sikhathi, bona abasazigcineli amadoda futhi abafune kugana kodwa abakwenzayo kuyisiko mpilo abazikhethele lona.
UNksz Balindile Ntshingila (20), oyintombi ehlolwayo odabuka eNquthu osezinze eThekwini ngenxa yokufunda, uthe yize kuyisinqumo sentombi ngayinye ukuthi iyavuma yini ukukhethwa emhlangeni kodwa akafisi ukuthi kube sengathi bazigcinela ukukhethwa ngamadoda emhlangeni.
"Siyazi ukuthi akhona amadoda aya emhlangeni ngalezo zizathu ikakhulukazi lawa acebile. Mina ngokwami ngithi asingayengeki sijahe ukugana sisebencane, singakakwazi ukuzimela. Umendo unezinselelo zawo. Uma usungenile awukwazi ukubuye ubuye uqale phansi ube yintombi uma usufice obungakulindele. Ngifisa sengathi zonke izintombi zingaqale zifunde ngoba imfundo iyisikhali okwazi ukulwa ngaso," kusho yena.
UNksz Ntshingila wenza izifundo zezempilo, i-Health Promotions Officer, eHatfield City College.
UNksz Snothando Nkunjana (19) waseMzimkhulu, osehlala eMarianhill owenza izifunda zobuthisha e-University of South Africa (UNISA), uthe:" Asizigcineli umendo, sizigcinela ukuthi sikhule size sifinyelele ezingeni elikahle lokuthi sikwazi ukuthatha izinqumo eziyizo ngempilo yethu. Asikho isidingo sokuthi ungaze ulindele ukukhethwa emhlangeni. Kwakhona ukugana akuyona into ephambili kithi. Umendo uyibhonasi nesipho osiphiwe uNkulunkulu kodwa asizigcinele wona,"
UNksz Zamekile Cele (25) wakwaMakhutha, owenza unyaka wesibili kwi-Hospitality eCoastal College, uthe: "Senzela ukuthi siqoqeke ngoba silandela indlela yokuphila yokuhlolwa. Uma uyintombi ehlolwayo ngeke utholakale ezindaweni zabantu abadla ubusha babo,“ echaza.
Lezi zintombi zikhuthaze ezinye ukuthi zilishumayele lingene leli vangeli lokuthi imfundo phambili, umendo emuva. Bakhuthaze nabesifazane ngisho nabangahlolwa ukuthi bangasheshi bafune ukungena emendweni kodwa bafunde baphinde bafundiseke nangempilo kuyima bengena ekuganeni.