AMAQEMBU aphikisayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, akhala ngokuthi akukho okuphathekayo nokusha ngenkulumo ethulwe nguNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Abaholi bamaqembu aphikisayo bathi abantu besifundazwe sebelahle ithemba kuhulumeni we-ANC.
Ekhuluma ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano ngenkulumo eyethulwe nguNkk Dube-Ncube ngeledlule, umengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uhulumeni uyehluleka wukunakekela abantu besifundazwe.
Uthe akukho okusha obekuqukethwe yinkulumo ngaphandle kwezinto ezindala ezivuselelwe zenziwa ezintsha.
“Abantu abaphephile esifundazweni, babulawa mihla namalanga. Abanawo amanzi ngakho akukho okusha kule nkulumo,” kuphawula uHlabisa.
Umholi weDA uMnuz Francois Rodgers, uthe kudala uhulumeni ekhuluma ngendaba yokuthi kuzobhekwa indlela yokuphila kwezikhulu okuyinto eyashiwo eminyakeni emithathu edlule. Uthe abantu baphelelwe yithemba futhi inkulumo ihlulekile wukulibuyisa.
“Izinto ezimenyezelwe zithathwe ezintweni ezashiwo eminyakeni edlule. Akukho okuphathekayo kule nkulumo ebifaka ukhwantalala,” kusho uRodgers.
UNksz Hlengiwe Chiliza we-EFF, ukhale ngokukhishwa ngesidlozana kozakwabo ababengafuni uNksz Dube-Ncube, akhulume ngeledlule wathi bamiswe kuyimpelasonto. Uthe usomlomo akumele azinike amandla angenawo njengoba ajuba abaqaphi abakhipha ngesidlozana abe-EFF.
“Ingqalasizinda ezikoleni ayiphuculiwe, abafundi basasebenzisa izindlu zangasese zomgodi. Ayanda amacala okubulala nawokudlwengula esifundazweni, uhulumeni uhlulekile,” kukhalaza uNkk Chiliza.
Namanye amaqembu akhale esifanayo abala ukwanda kobugebengu, ukungasebenzi kwabantu abasha, ukungaphuculwa kwempilo yabantu, abantu abasahlala kolindela ekubeni indaba yabo kwathiwa izolungiswa eminyakeni emithathu edlule, ukushoda kwamanzi nezinye izinkinga.
Abaholi bavumelene ngokuthi kumele ubizwe ngokushesha umhlangano wokubhunga ngobugebengu njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sihlabe leli khwelo ngeledlule.
USomlomo wesiShayamthetho, uNksz Nontembeko Boyce, ucele uHlabisa ukuthi ahoxise igama lokuthi bazoqhubeka “bayinyise” i-ANC okhethweni lokuchibiyela.
UHlabisa ulihoxisile igama kwathi uSihlalo we-ANC eKZN, uMnuz Siboniso Duma, wathi ufuna ukumluleka uHlabisa ngokuthi angadlebeleki bese esho amagama afana nalawa ngoba ungumholi.
I-ANC baphinde bakhwela badilika kwiIFP ngokuba matasa nemicimbi yokubonga ukuwina okhethweni lokuchibiyela yenza imicimbi engabe ihlinzeka abantu ngezidingo. UDuma uthe kuningi i-ANC esikwenzele abantu besifundazwe wathi uyaqonda ukuthi abaholi bamaqembu aphikisayo bebengeke bayincome le nkulumo.
Ephendula uNkk Dube-Ncube, uthe kuningi osekwenziwe wathi udaba lokubheka impilo ephilwa yizikhulu yinto eqhubekayo. Uthe kuningi okwenziwe ukulwa nobugebengu okubalwa nokuntshontshwa kwezimoto zeqiswe umngcele ziyiswe eMozambique.
Ugxeke abaholi be-EFF, wathi batshengise ukuba yimimdlwembe ngokubhikisha phambi kweSilo becula.
“Siyaxolisa kwiSilo ngokwenziwe amalungu e-EFF, abecula phambi kweSilo. Kuningi esikwenzile ukufukula abantu besifundazwe. Ayiphele indaba yokuthi i-IFP icabange ukuthi isebenza ngemali yayo ekubeni isebenza ngemali kahulumeni.”