AMAQEMBU aphikisayo axwayise iMeya yeTheku entsha, uMnuz Cyril Xaba, ngomsebenzi omkhulu oyihlalele.
Athe izinkinga ezibhekene nomasipala azimfuni umuntu owande ngomlomo, athi kufuneka umuntu ozogxila ekwenzeni umsebenzi.
UXaba uqokwe emhlanganweni womkhandlu oyisipesheli obungoLwesithathu.
Emva kokuqokwa, uXaba wenze izethembiso ezinqala wathi uzobeka phambili ukulungisa ingqalasizinda yamanzi neyokuthuthwa kwendle bese elwa nenkohlakalo.
Ohola iDA kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe yize bekwemukela ukuqokwa kukaXaba kodwa ababoni kuzokwenza umehluko otheni.
“Simuzwe esenza izethembiso eziningi. Iqiniso ukuthi ukushintshwa kwemeya angeke kuziqede izinkinga ezikhungethe umasipala. Iqiniso ukuthi uXaba uzophatha umasipala obhekene nenkinga yamanzi nogesi, ingqalasizinda engekho ezingeni nezikhulu ezingathathelwa izinyathelo.”
UMthethwa uthe bazoqhubeka nokuqapha ukusebenza kwemali yomkhandlu.
Ohola i-IFP kuwo lo masipala, uMnuz Mdu Nkosi, uthe bazogada ukuthi uXaba uyazifeza yini izethembiso azenzile.
“Siyakwemukela ukuqokwa kwakhe, siyazibophezela ekutheni sizosebenzisana naye. Kunezinto azishilo esizithandayo njengalena yokuthi uzolwa nenkohlakalo. Singajabula uma ingenzeka leyo.”
Ohola i-EFF, uMnuz Themba Mvubu, uthe abamethembi uXaba.
“Umlomo uyayithenga imoto, wenze izethembiso eziningi kodwa thina sifuna ukumbona enza izinto zenzeke. Iqiniso ukuthi naseqenjini lakhe abamethembi. Ngesikhathi eqokwa, iningi lamakhansela e-ANC livele laculela phansi, kwanesibhocobhoco.”
I-EFF ike yabambisana ne-ANC kulo mkhandlu kodwa umshado wabo waphela kabuhlungu njengoba i-ANC yakhipha uMvubu kwesokuba usihlalo wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu.
UMvubu uthe bazoqhubeka nokuba yiqembu eliphikisayo, wathi abafune lutho oluzobahlanganisa namaqembu aphethe ngokubambisana uhulumeni kazwelonke nowaKwaZulu-Natal.
Ohola i-ActionSA kulo mkhandlu, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bebefuna ukuthi isikhundla sithathwe yikhansela leqembu eliphikisayo.
I-ActionSA ibiphakamise igama likaMthethwa onqabile ukungenela umbango wesikhundla sobumeya, wakhala ngokuthi abe-ActionSA abazange bakhulume naye ngaphambi kokuphakamisa igama lakhe.
“Thina besibona kuyithuba lokuthi i-ANC siyiphuce umasipala, kuphathe amaqembu aphikisayo.”
I-ANC ithe iyakwemukela ukuqokwa kukaXaba.
Okhulumela leli qembu KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe abantu baseThekwini bazothola izidingo ezibafanele.
Uthe uXaba unamava afanele njengoba eseke waba uMphathiswa woMnyango wezoLimo, waphinde waba yilungu lePhalamende.