OSOSAYENSI baseDurban University of Technology (DUT) bathole ukuthi amanzi aphuma kompompi eThekwini aphephile futhi akulungele ukuphuzwa.
Imiphumela yocwaningo olwenziwe yisikhungo sale nyuvesi i-Institute for Water and Waterwaste Technology (IWWT) muva nje ibuyise ithemba.
Bese kunesikhathi kunezinsolo zokuthi amanzi akule lidolobha awaphephile kulandela ukuhlasela kwezikhukhula nyakenye okulimaze ingqalasizinda yokuhanjiswa kwendle.
Amabhishi kuke kwatholakala ukuthi anezinga eliphezulu legciwane elitholakala endleni, i-ecoli okuholele ekutheni angalitholi izinga le- blue drop. Ngenxa yalokhu izakhamuzi zakuleli bese zinokuwangabaza amanzi aphuma kompompi ezinye seziphuza athengwayo.
Umqondisi we-IWWT uSolwazi uFaizal Bux, uthe kuhlolwe izikhungo zamanzi ezingaphezulu kuka-17 eThekwini ngo-Agasti 30, okuyingxenye yokuhlolwa kwamanzi njalo ngekota yonyaka.
Uthe konke ukuhlolwa kwamanzi kulezi zikhungo kuveze ukuthi aphephile futhi akulungele ukuphuzwa.
Imeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe bayayijabulela imiphumela yokuhlolwa kwakamuva okwenziwe yilesi sikhungo esizimele.
Uthe ukuhlanzeka kwamanzi akule lidolobha kuyathuthuka, lokhu kufakazelwa wukuthi imiphumela yokuhlolwa okwenziwe iSouth African National Accreditation (SANA) kulonyaka iveze ukuthi amanzi ahlanzekile awanazo izinsalela ze-ecoli.
Uthe amanzi aphakelwa umphakathi alethwa ngamaloli nawo aphephile.
"Ukuhlolwa kwamanzi kulo masipala yinto ehlale yenziwa sonke isikhathi ukuze siqinisekise ukuthi amanzi aphuzwa wumphakathi aphephile," kusho uKaunda.