FANELESIBONGE BENGU
I NKAKHA yekwaito uMandla “Spikiri” Mofokeng ayikaze iyithole indondo kumaSouth African Music Awards (Sama) selokhu yaqala emculweni eminyakeni engaphezulu kwengu-25 edlule yize inezingoma esezijabulise abantu eminyakeni eyedlule.
Ngempelasonto lokhu kushintshile njengoba ehlonishwe ngeLifetime Achievement Award nenye ingwazi yekwaito uMdu Masilela. USpikiri noMdu bake baba yiqembu iMM De Luxe ngama-80s.
Igalelo likaSpikiri endimeni yomculo kalingatshazwa njengoba ephinde acule eqenjini iTrompies eselineminyaka liyibambile kwezikaqedisizungu.
Usuke enesandla ezingomeni eziningi zabaculi baseKalawa Jazmee kanti uyabadidiyelela nabanye abangekho kulesi sitebele.
Akukhona okokuqala ehlonishwa ngeLifetime Achievement Award njengoba kwenzeka nango-2011 kumaMetro FM Music Awards.
“Imiklomelo ebengiyithola bekuba ngeyokudayisa kahle. Yiyona ebaluleke kakhulu kimina ngoba kusho ukuthi abalandeli bami bayawuthenga umculo wami. Yibona abangenze umuntu enginguye namhlanje. Ngaphandle kwabo ngabe angikho lana. Ngithanda ukubonga kakhulu kubona,” kusho uSpikiri.
Uthi namanje kusanzima ukuchaza injabulo yakhe ngokuhlonishwa kuma-Sama.
“Kusho ukuthi bayalibona igalelo lami emculweni. Lokhu kungenza ngisebenze kakhulu kunakuqala.”
Ngaphandle komculo wakhe, uSpikiri usezakhele igama ngokudidiyela izingoma zabanye abaculi.
Iningi labaculi bekwaito uma ubuza ukuthi yimuphi umdidiyeli elifuna ukusebenza naye igama likaSpikiri liba seqhulwini.
Phakathi kwabaculi aseke wasebenza nabo ngoKabelo, Brickz, Pro, Mzekezeke, Professor nabanye.
Uthe naye uyakuthokozela ukusebenza nabanye abaculi njengoba kuyimanje ematasa ne-albhamu yakhe i Kwaito Revolution. Selokhu agcina ukukhipha ngo-2011 nge-albhamu ethi King Don Father 2.5.
Kule albhamu eyayigabe ngengoma ethi Ngeke Balunge wayepike kuyo inqwaba yabaculi abehlukene.
“I Kwaito Revolution isiya ngasemaphethelweni. Ngisebenze noBrickz, Mshoza, Sash nabanye. Bengikhuluma noKabelo nje ngithi kumele eze estudiyo sami sizohlanganisa. Isitayela sami kasishintshile ngoba ngiyakholelwa kulokhu engikwenzayo. Ngeke ngishintshe ngoba nakhu ngibona omunye umuntu enza i-house bese nami ngenza yona. Ngenza engikwaziyo. Ngiyazi futhi ukuthi kwenzakalani emnyango kwezomculo ngoba ngiyaya emaphathini. Uyawuzwa umculo wami ukuthi owamanje kodwa kuyezwakala ukuthi ngokaSpikiri,” kusho le ngwazi.
USpikiri uthe akasishintshi nje isitayela sakhe, kulezi zinsuku kudlisa i-hip hop esuselwe kwi-kwaito endala.
“Lokhu kukhombisa inhlonipho kithina. Okuhle wukuthi ngaphambi kokuzenza kabusha lezi zingoma bayeza bezocela imvume. Kusho ukuthi nangesikhathi sithatha umhlalaphansi sihlala emakhaya umculo wethu uzobe usazwakala.”
Uthe umhlalaphansi akusiyona into azoyithatha manje kodwa ngisho engayeka ukubonakala esiteji kodwa uzosebenza njengomdidiyeli.
Uthe futhi unakho ukuhlaba ikhefu noma inyanga engayi estudiyo ezipholele nomndeni wakhe.