IPHOYISA elingufakazi, nelafika kuqala endlini okwadutshulelwa kuyo uSenzo Meyiwa, uWarrant Officer Thabo Mosia, lithe alibathathanga njengabasolwa abantu ababenoMeyiwa endlini, ngesikhathi ebulawa. UMosia ubeqhubeka nobufakazi bakhe eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho kuqulwa khona icala lokufa kukaMeyiwa.
UMosia usho kanjena nje, phambilini kwavela ukuthi kukhona elinye idokodo lesibili lecala likaMeyiwa elikhomba ababesendlini njengabasolwa. Idokodo lesibili lisamisiwe kuthiwa kuzolindwa kuphele ukuqulwa kwecala ngaphambi kokuthi kunqunywe ngalo.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa, ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus. Bahlanu abalisa ababhekene namacala kepha bonke bayawaphika. Omunye wabameli babamangalewa u-Advocate Zithulele Nxumalo, ubuze uMosia kabanzi ngophenyo alwenza endaweni yesigameko.
UMosia wabizelwa endaweni yesigameko ezobheka ubufakazi uthe wafika ebusuku emuva kwesigameko, wabuya ngakusasa emini ezobhekisisa. U-Adv Nxumalo umpintshe uMosia ngemibuzo ngomsebenzi wakhe.
UMosia uthe wayekhathazekile efuna ubufakazi obabungase busize ekutholeni abasolwa hhayi okunye.
“Mina ngiphenya abasolwa hhayi abagilwa nofakazi futhi angibabukanga njengabasolwa abantu ababesendlini, babengabagilwa. Abantu engababuza imibuzo angisabakhumbula, engimazi kahle nguKelly Khumalo,’’ kusho uMosia.
UMosia uthe wathola okuthile okuyingxenye yenhlamvu yesibhamu wabona imbobo yenhlamvu, induku yokuqhugela nesigqoko okuthiwa ngesikamsolwa. Uqhubekile watshela inkantolo ukuthi waqaphela amchaphazela egazi omile, waze wasebenzisa izindwangu zakhe ezimanzi ukuwathatha.
Okunye okubangwe kabanzi enkantolo wukuthi uMosia akazithathanga izinsalela zeminwe emnyango wasekhisihini ukuze ziyohlolwa ukuthi ngezikabani. UMosia uthe wayeka ukuthatha izinsalela zeminwe ekhishini ngoba kwase kuthinte abantu abaningi, lokho kwakungase kone ubufakazi.