UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ubona kungeke kwenze mehluko ukuhlakaza ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal nobezifunda.
UMbalula uthe into ezobasiza ukuthi bathole ukuthi yini eyenza ukuthi bengenzi kahle eKZN ngesikhathi kunokhetho lwangoMeyi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, eThekwini, izolo, lapho kuqhubeka khona umhlangano wekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC.
UMbalula usho kanjena nje, kukhona amalungu eqembu agxeka ubuholi baKwaZulu-Natal ngokwahluleka ukukhankasela ukhetho olwedlule.
Isolezwe lizwe ukuthi abanye abaholi bamagatsha batshele uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuthi bafuna kuhlakazwe ubuholi besifundazwe.
URamaphosa ube nomhlangano nabaholi bamagatsha esifundeni iMoses Mabhida, ngoSonto.
Umholi wegatsha obehambele umhlangano, uthe bafuna ukuthi ubuholi besifundazwe nobesifunda buhlakazwe.
“Silwile kakhulu emhlanganweni. Asisabafuni laba bantu. Sihlezi sihlulwa ezinkethweni zokuchibiyela bekhona, abasisizi ngalutho uma kukhankaswa. Ngingakubeka kucace ukuthi bayahamba,” usho kanje.
UMbalula yena ubehlangene namagatsha e-ANC eThekwini, ngalo iSonto.
Utshele abezindaba ukuthi akekho owenze isiphakamiso sokuthi kuhlakazwe ubuholi besifundazwe noma obezifunda.
UMbalula uthe abajahile ukuhlakaza ubuholi.
“Mhlawumbe bakhona abakujahile lokho, kodwa thina asizile lapha ukuzohlakaza ubuholi. Thina into esiyijahile ukuthola ukuthi iziphi izinto ezaholela ekutheni sihlulwe okhethweni. Ayikho into ongayakha ngokuhlakaza ubuholi. Ziningi izinto esingazenza ukwakha kabusha i-ANC KwaZulu-Natal. Into ebalulekile ukuthi sazi ukuthi kungani abantu bengasivotelanga, nokuthi kungani abantu bengaphumanga ngobuningi.”
UMbalula uthe kubashayile kakhulu KwaZulu-Natal ukuvela kweqembu eliholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, i-MK.
“IKwaZulu-Natal iyona eyaba nesibalo esiphezulu sabantu abaphuma bayovota. Ngicabanga ukuthi u-58.2% wabantu abavota lapha KwaZulu-Natal. Kodwa iqiniso ukuthi labo bantu bavotela uZuma. Kufanele sikubuke ukuthi kusho ukuthini lokho.”
UMbalula uthe bazimisele ukwakha kabusha izinhlaka zeqembu, wathi bazokhetha ubuholi besikhashana emagatsheni asale engenabuholi ngenxa yokuhlubuka kwabantu okwenzeke ngaphambi kokhetho.
Ikomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC luphothule uhambo lwalo laKwaZulu-Natal izolo, lapho lihlangane khona nobuholi besifundazwe.