IBONA imizamo yokuzinciphisela isigwebo kumhwebi we-Forex, osolwa ngecala lokudubula abulale abangani ababili besifazane, imindeni yabashonayo kuvela izinsolo zokuthi usefuna ukuvuma icala.
Lokhu kuhlaluke, eNkantolo eNkulu yaseThekwini. ngesikhathi kuvela ukuthi kukhona izingxoxo eziqhubekayo phakathi kwabameli bakammangalelwa, uMnuz Lungani Mthethwa, noMbuso.
UMthethwa usolwa ngecala lokudubula abulale uNksz Anele Mbokazi (29) owayengumhlengikazi esibhedlela iNkosi Albert Luthuli noNksz Zizipho Gabisa (30) owayengusokhemisi esibhedlela esizimele eMhlanga, ngo-Agasti, nyakenye.
Okhulumela imindeni, uMnuz Mvuselelo Magwaza, uthe babona ukuthi umqondo wokufuna ukuvuma icala uza emva kokubona ukuthi icala lizomgojela vele.
“Emva kwayo yonke imizamo ayenzile, ezama ukudedelwa ngebheyili, ima ebona manje ukuthi ufuna ukuvuma icala,” kusho uMagwaza.
Uthe kuyabathusa ukuthi ummangalelwa ufike waliphika sonke lesi sikhathi icala, kwaze kwaba ngamahlandla amaningi okuhlehliswa kokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili, elokhu eliphike njalo.
“Usethi ngoba ebona ukuthi uMbuso unecala eliqinile, elingamgojela, usefuna ukulivuma. Inhloso yalokhu ukuthi ufuna ukuthola isijeziso esincane,” kusho yena.
Ngaphakathi enkantolo uMshushisi woMbuso, u-Advocate Krishen Shah, ecela ukuthi kuhlehliswe icala, uveze ukuthi kunezingxoxo ezingakaphothulwa eziphakathi koMbuso nabameli bakaMthethwa.
UMmeli kaMthethwa, u-Advocate Bheki Manyathi, ukuqinisekisile lokho, bavumelana ngokuthi uma izingxoxo zifika emaphethelweni, bazoyazisa inkantolo ngokuyibhalela.
Ijaji lilihlehlisele uMashi 10, icala.
Emva kwesigameko, izidumbu zabafi baseRiverview eVerulam, zatholwa zidindilize komunye wemigwaqo eKenville.
Kwavela ukuthi babekade belandwe uMthethwa nomngani wakhe, uMnuz Sandile Chili, ngayizolo, emakubo bebakhipha.
Kwavela ukuthi kwasuka ingxabano ngezikhathi zasebusuku abafi sebefuna ukugoduka, uMthethwa engafuni.
Kuthiwa sebesendleleni begoduka, uMthethwa wachezuka endleleni eya eVerulam, wabheka eKenville, lapho okuthiwa wafike wadubula khona abafi wababulala.
UChili ngesikhathi efaka isicelo sebheyili, waninda uMthethwa ngecala, ethi walenza phambi kwakhe.
UMbuso wamdedela ngebheyili ka-R5 000 uChili, emva kwalokho, wawahoxisa wonke amacala ayebekwe wona.
Khonamanjalo: Lihlehlele uMashi 10 necala lokugwazwa kubulawe umfundi owayefunda uGrade 11 eDurban Girls Secondary ngoMeyi, ngonyaka odlule.
Umufi, uWandile Ngcobo, watholwa ebulewe ekhaya kubo eMlaza, isidumbu sakhe siboshwe izandla ngemumva, emlonyeni sagxishwa i-panthose.
Ngaleli cala, kwaboshwa oMnuz Sfundo Bhengu noBongani Jali, kubona kukhona umakhelwane kamufi.
Emva kokuvela kwabasolwa phambilini, uyise kaWandile, uMnuz Mondli Ngcobo, wakhala ngokwenzelwa phansi aboMnyango wezeMpilo esifundazweni.
Lokhu kweza emva kokuthi uMbuso uveze ukuthi ngeke ulengeze icala lokudlwengula kubasolwa njengoba engekho amasampula olibofuzo athathwa esidunjini sikamufi.
Elandisa ngalokhu, uNgcobo wathi amaphoyisa amtshele ukuthi ngeke kwenziwe lokhu njengoba isidumbu sasheshe sabola emakhazeni kahulumeni.
Ubuzwa ngalezi zinsolo uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, owukhulumelayo uMnuz Ntokozo Maphisa uthe: "Udaba lomndeni wakwaNgcobo eMlaza uMnyango uyalwazi futhi ngonyaka ophelile, sixoxe kakhulu nalo mndeni ukufinyelela esisombululweni. Lokhu sikwenza ngesizotha, inhlonipho nokucabangela umndeni olahlekelwe. Ngakho asikwazi ukutshela abezindaba esikuxoxe nomndeni.”