AMEHLO abantu azobe ethe njo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kusasa ezobe iqala ukuqula amacala abekwe owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, okukhona kuwo awokukhwabanisa.
Njengoba abalandeli bakhe belungiselela izinto zokuhamba ezilibhekise enkantolo, umndeni wakhe uthi usaphethwe ngendlela ayephethwe ngayo ngesikhathi sobandlululo.
Ukuqulwa kwecala kulandela ukuthi ngoLwesihlanu inkantolo isichithile isicelo ebesifakwe wuZuma nenkampani amangalelwe nayo yaseFrance, iThales, sokuthi bangashushiswa.
NgoLwesihlanu amaqembu ezepolitiki asishayele ihlombe isinqumo senkantolo kodwa umndeni uyasigxeka uthi yitulo lokuthunaza isithunzi sikaZuma.
Ilungu leDA ePhalamende, uNksz Glynnis Breytenbach, lithe selokhu kwathi nhlo bebelwela ukuthi uZuma angaphunyuki emacaleni akhe.
UMnuz Ricardo Mthembu, okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uthe bayasamukela isinqumo senkantolo kodwa ngeke bathumele abantu ukuyomeseka kodwa yena njengomuntu azwana naye uzoya ukuyomeseka.
Umshana kaZuma Inkosi Simphiwe Zuma, umfowabo omdala uKhaya, nendodana kaZuma endala u-Edward, bathe asibamangazanga isinqumo senkantolo ngoba vele kusetshenziswa noma yini ukuqeda ngegama likaZuma.
UKhaya, ohlala eNkandla eduzane nomuzi womfowabo oyisithabathaba, uthe lokhu kusho ukuthi umfowabo uyohlala esezinkantolo njengoba kwakwenzeka nangesikhathi sobandlululo waze wagcina egwetshwa iminyaka eyishumi ejele.
“Ngiyazizonda izinkantolo. Umfowethu wabhekana nento efanayo ngesikhathi sobandlululo. Kubonakala sengathi akukho okushintshile ngendlela aphathwa ngayo. Usezwiswe ubuhlungu obukhulu nenzondo eqhamuka kubantu benhlangano akuyo.” kusho uKhaya.
USimphiwe uthe simdumazile isinqumo sokuthi uZuma kumele liqhubeke liqulwe icala abekwe lona.
Ubuze ukuthi kungani inkantolo ingasibhekanga isinqumo eyasithatha ekuqaleni ngaleli cala nobufakazi obavela.
Ngo-2006 iJaji uHerbert Msimang wathatha isinqumo esathi kuningi okungahambanga kahle ecaleni okwenza kwangalandelwa imigudu efanele ngendlela.
Icala labe selichithwa kodwa waphinde wathweswa lona ngo-Disemba ka2007.
USimphiwe uthe akasazethembi izinkantolo.
“Ngiyafisa ukwazi ukuthi yibuphi ubufakazi obusha obuzovela manje. Langena enkantolo futhi saphuma isinqumo ngalo, yini-ke manje esishintshile? Ubufakazi bavela ukuthi kwakunenhlese yezepolitiki ekhonjwa kumfowethu. Bebefuna ukusebenzisa icala ukumdicilela phansi kodwa bahluleka. Manje sikulungele futhi siyazi ukuthi konke lokhu uhlelo lokudicilela phansi isithunzi sakhe nesomndeni wakhe. Sizoqhubeka nokumxhasa aze angene ethuneni,” kusho uSimphiwe.
Uthe uZuma bekumele aphinde asiphikise isinqumo senkantolo sokuthi ashushiswe.
U-Edward uthe isinqumo senkantolo esokuqhubeka sidicilela phansi igama likayise.
“Siyazazi izitha, okudabukisayo wukuthi abantu abakhona la enhlanganweni ubaba ayeyiphethe. Kodwa isinqumo senkantolo asisiphazamisi nakancane. Vele izinkantolo zingakubo futhi benza konke ukuthi bayayithinta into enegama likaZuma phakathi,” kusho * -Edward.
Uthe kuyamangaza ukuthi umbuso usebenzisa izinsiza zawo, uchithe nezigidi zezimali ukuthola ubufakazi bezinto ezenzeka eminyakeni eminingi edlule.
“Umbuso uthi ubaba umataniswa nenkokhelo eyintshontsho kaR500 000 kodwa malini umbuso manje osuyichithile uzama ukuthola ubufakazi baleli cala, lokho ngabe kuyawenza umqondo?” kusho * -Edward.
USimphiwe uqhube wathi yize abalandeli bakaZuma bekhula, akade besenkantolo bebebancane ngoba bebengenayo imali yokuqasha amabhasi.
“Izinkinga zethu wukuthi yonke imithombo esingenisela imali ivaliwe. Osomabhizinisi bamile ekusitshelekeni imali yoxhaso ukuze abantu bathuthwe ngendlela.”
UMfundisi Vusi Dube, obenesandla ekuqasheni amabhasi, uthe baningi abantu abazoqhamuka ukuzoxhasa uZuma enkantolo.
Omunye wabahleli, uMnuz Nkosentsha Shezi, uthe zonke izizinda ze-ANC zizoba namabhasi azobe ethutha abantu ebayisa eMgungundlovu.
UZuma kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweKhomishini kaZondo maphakathi kwale nyanga.