AZOVELA kusasa enkantolo yaseGreytown amaphoyisa okuthiwa anecala lokubulala emuva kombhikisho womphakathi obukhononda ngokulahleka kwelungu lawo elaliyophenywa ngamaphoyisa.
Abantu baseMuden, ngaphandle kwaseGreytown, bebedinwe begane unwabu ngeSonto bevale isango lesiteshi ngeketanga, babeka namatshe phambi kwaso.
Bebefuna amaphoyisa akhiphe uMnuz Mbongiseni Gaga Ndlela osekuphele isonto angena esiteshini kade ebizwe wumseshi ophenya icala lokubulawa kwelinye ilungu lomphakathi kodwa kuze kube manje akaziwa ukuthi ukuphi.
Okhulumela uphiko oluphenya amacala abhekene namaphoyisa i-Ipid, uMnuz Moses Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aboshelwe icala lokubulala odukile.
“Amaphoyisa amathathu aboshelwe icala lokubulala eMuden. Azovela enkantolo yaseGreytown ngoLwesithathu (kusasa),” kusho uDlamini.
Isolezwe lithole ukuthi ababoshiwe woConstable, Sergeant (bophiko lwe-Greytown Organised Crime Prevention) noConstable oyedwa waseMuden.
UMnuz Thobani Ndlela, indodana yomfowabo kaNdlela eyayimphelezele eya esitshini, ithe uyise wafika esiteshini samaphoyisa ekuseni waya kumseshi, ambize ngesibongo.
Umseshi uthe wahamba naye uyise omncane waya kwelinye igumbi wavala. Ngesikhathi esamlindile wathathwa ngamanye amaphoyisa ayomvalela kwelinye igumbi.
“Ngathi ngingena nje kuleli gumbi amaphoyisa angibuza ukuthi ngiyini nalo muntu engihamba naye, ngawatshela. Athi ngazini ngaye, angibuza nokuthi ngiyayingena yini le ndaba nami. Ngaphendula ngokuthi cha. Angibuza nokuthi iyiphi leyo ndaba. Ngezwa ngebhuzu likhala ezimbanjeni ngashaywa, ngibuye ngifakwe ishubhu ngifakwe nozankosi, kuthiwe angikhiphe isibhamu. Angazi ukuthi isibhamu sani. Ngokuphelezela umuntu oya esiteshini sekumele ngishaywe,” kusho uNdlela.
Uthe waphuma esiteshini sekushaye ihora lesithupha ntambama. Umseshi wamtshela ukuthi uyise omncane umdedele emini waphuma ekhuluma nocingo akamazi ukuthi ushonephi. “Uma ngifika ekhaya kwathiwa akafikanga. Ngakusasa uma sibuyela esiteshini umseshi wathi umdedele ntambama. Asisazi manje ukuthi kanti kwenzekani ngaye. Sifuna izwe lonke lazi ukuthi siphethwe kanjani, asinamalungelo. Asisazi noma isiteshi noma isilaha yini la umuntu engena khona angaphumi.”