UKUQINISA isandla kwamaphoyisa ikakhulu esifundazweni i-KwaZulu-Natal uma ebhekene ngqo nezigilamkhuba ezihlalisa lubhojozi umphakathi, kwenza abantu babuyelwe yithemba empini yokulwa nobugebengu, obuwumlilo wequbula oshiya kukhalwa.
Muva nje, amaphoyisa ophiko lwe-National Intervention Unit (NIU) olungagayelwa mphako, awaconsi phansi kwabaningi kuleli ngenxa yokuzinikela kwawo emsebenzini asuke ejutshelwe kuwona.
Esigamekweni esisahleli emiqondweni yabaningi, esokuqothwa kwabayisishiyagalolunye abasolwa ngezenzo zobugebengu eDesai, eMariannhill ngenyanga edlule, esinconywa amalungu omphakathi kuleya ndawo.
Nakuba kunjalo, akungabazeki ukuthi impi elwa bukhoma ngezibhamu kusuke kuphakathi kokufa nokuphila.
Yize inhloso emaphoyiseni kuwukubopha, kodwa kwesinye isikhathi azithola sekumele aphebeze ukufa uqobo noma aphenduke ababulali ngemizuzwana nje.
Akugcini lapho, ayaphoqeleka ukulalela isililo samalungu emindeni efelwe asuke ehlonza abakwabo emva kwesigameko, ngesikhathi kuqiqingwa izidumbu.
Ekugcineni kulindelekile ukuthi aphile impilo ejwayelekile njengawo wonke umuntu. Ngabe amelana kanjani nale ngcindezi?
Esehlakalweni sokubulawa kuka-Warrant Officer Sthembiso Mazibuko (40) obesebenza ophikweni i-NIU, odutshulwe nyakenye amaphoyisa etholene phezulu nezigebengu eNtuzuma Kwa-C, kuxoxwa nelungu lomndeni, lakuveza ukuthi ubevamise ukubatshela ukuthi ngelinye ilanga uyohamba engabuyi ekhaya.
Lokhu kuwubufakazi bengcindezi nokhwantalala olubhekene namaphoyisa nsuku zonke ngenxa yomsebenzi wawo.
USolwazi Bonga Chiliza owudokotela wezengqondo ngaphansi koMnyango wezeMpilo, ophinde abe yiNhloko yoMnyango emkhakheni wezifundo ezithinta ukusebenza nokuphila kwengqondo e-University of KwaZulu-Natal, uthe isifo esibizwa nge-Post- Traumatic Stress Disorder (PTSD), senzeka uma umuntu ehlelwa yisigameko esishaqisayo, esithusayo noma esiyingozi.
“Imvamisa lesi simo usibona emva kwamasonto noma izinyanga ezimbalwa wehlelwe isigameko. Zintathu izimpawu ezejwayelekile esibonakala ngaso.
“Ukudlala njalo kwemicabango emqondweni ngesimo esikwehlele. Ukwethuka ngendlela engajwayelekile ikakhulu uma uzwa umsindo othile, nokuzama ukugwema imicabango noma indawo okwenzeke kuyo isigameko,” kusho uChiliza.
Uthe kungaleso sikhathi umuntu egcina esephuza utshwala ngezinga elingejwayelekile ukwehlisa ingcindezi, okungamholela ekwenzeni amanye amaphutha.
Uveze ukuthi ukungelashwa kwaso kungagcina kumshintsha umuntu indlela ayiyo, wathi kubalulekile ukubonana nodokotela wezengqondo.
Ugcizelele ukuthi avakashelwe izigaba eziyisishiyagalombili, ezinyangeni ezintathu lapho usuke welulekwa khona esimweni somqondo.
Kokunye kuba nesidingo sokuthatha uhlobo lwamaphilisi olunikwayo, uma uqede isikhathi sokwelashwa kwakho uzizwa ungcono kakhulu.
Uthi isikhathi esiningi abesilisa bayakugwema ukuthola lolu sizo emva kwezigameko ezithusayo, bebalekela ukubukeka njengabantekenteke okuba nomphumela ongemuhle ekusebenzeni kwengqondo.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe zikhona izinhlelo ngaphakathi zokulekelela amaphoyisa uma enengcindezi.
“Kunophiko olubizwa nge-Employee Health and Wellness (EHW), olunabaluleki bezengqondo, abalekelela ngokwezenkolo nosonhlalakahle.
“Emahoreni angu-48 kwenzeke isigameko, kulindeleke ukuthi obebhekene nalesi simo ahambele uhlelo olubizwa nge-debriefieng (okuwuhlelo abasuke benaba ngokwenzekile kuhlolwe nesimo sabo),“ usho kanje.
Uthe uphiko lwe-EHW olukhona kuzona zonke iziteshi zamaphoyisa luhleze luvuliwe ukwamukela amalungu asuke efuna usizo.
UNobhala weNyunyana yamaPhoyisa i-Police and Prisons Civil Rights Union (Popcru) KwaZulu-Natal uNksz Nthabeleng Molefe uthe bayawagqugquzela amalungu abo ukuthi azisebenzise izinsiza zokwelulekwa ngokwengqondo ukuhlangabezana nengcindezi asebenza phansi kwayo.
“Aseneme ngokuthi uphiko lwe-EHW lube ngaphakathi eziteshini ngoba kuba nzima kwabanye ukunekela abantu abasebenza nabo izinkinga.
“Kwesinye isikhathi usabela ukuthi bazokubuka ngenye indlela. Siyafisa ukuthi i-debriefing yenziwe abasebenza ngaphakathi eziteshini kungalindwa othile oqhamuka kwenye indawo.
“Lokhu kungagwema ukuchitheka kwesikhathi amaphoyisa elinde usizo, kwesinye isikhathi amanye agcina esehamba engayenzile, kulindiwe,” usho kanje.
Uthe ukungakhulumi kwamaphoyisa ngengcindezi yomsebenzi, amanye agcina esenolaka ngisho emindenini nakubathandiweyo bawo, okungaba nobungozi obukhulu.
Ngokocwaningo labakwa-National Library of Medicine olwenziwe phakathi kuka-2012 no- 2022, bangu- 1, 263, 847 abantu asebeke bamukelwa ukuzokwelashelwa ukwethuka, eminyakeni eyishumi.
Lokhu kubangelwa ukudutshulwa, ukushaywa, izingozi zomgwaqo nokunye. I-KwaZulu-Natal ngokwalolu cwaningo, izihola phambili.