INDODAKAZI yezishoshovu zomzabalazo uNksz Lindiwe Sisulu, ithi liyashona ilanga inkomo ifasiwe, i-ANC yehlulwa wukukhanda isixaxa namaqembu abantu abamnyama kubunjwe uhulumeni.
UNksz Sisulu ozalwa uMnuz Walter Sisulu noNkk Albertina Sisulu, usematheni ngokuphumela obala ngalolu daba. Indaba enkulu iqale emuva kokuthi i-ANC yehluleke wukunqoba ukhetho ngengcaca.
Kunamahlebezi athi i-ANC ingase ikhande isixaxa ne-DA elele isibili ngo-21.81% ilandela i-ANC yona ethole u-40%. I-ANC inezihlalo ezingu-159 ekubeni i-DA inezihlalo ezingu-87 okungathi uma behlangana benze izihlalo ezingu-246.
I-ANC igadle zephuka okhethweni obelunzima kakhulu ngesonto eledlule yahluleka nokuyiphoqa ukuthi ihambe iphaphatha emaqenjini. Kulezi zinsuku izingxoxo zishisa phansi kuzanywa ukuthola isixaxa esizongena kuhulumeni siphathe izwe.
Amaqembu anezinsuku ezingu-14 emuva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho ukuthi aphume negama kubunjwe uhulumeni. I-ANC isematasa nemihlangano yokuxoxa namaqembu ibingakamemezeli ezokwenza.
UNksz Sisulu uthe kungaba yihlazo ukuthi i-ANC iyeke amaqembu abantu abamnyama emaningi kangaka bese ihlangana ne-DA.
“Sikhetha i-DA ngoba kwenzenjani nje ngoba sehlukene kakhulu ngemigomo nemibono nabo. Sinabantu esibethembise ukubamela sibenzele konke kodwa i-DA akuyona indlela esingayisebenzisa. Siyiyekeleni i-IFP noma i-MK namanye amaqembu?,,’’ kusho uNksz Sisulu.
Uthe umphakathi uyijezise izikhathi eziningi ngevoti ngenxa yokwehluleka kwayo wukufeza izethembiso kodwa yona ifuna ukubagila kakhulu abantu.
UNksz Sisulu uthe ekuqaleni iNational Party yazicelela yona ukuhoxa esixaxeni sayo ne-ANC ngoba kucaca ukuthi banezinhloso ezehlukene kakhulu.
Kwamanye amaqembu abamnyama akhona kuvela i-MK elele isithathu ngo-14.58% okuyinika izihlalo ezingu-58, ilandelewe yi-EFF ngezihlalo ezingu-39. I-IFP isendaweni yesihlanu ngezihlalo ezingu-17.
UNksz Sisulu ubuziwe kwithelevishini ukuthi uvumbukaphi ngoba akaze abonakale ekhankasela i-ANC, wavuka ngolaka wathi akazele ukuzophendula lokho. Uthe ubengeke azishuthe izithombe ekhankasa.