UKULWA nenkinga yokumosheka kwamanzi, uMasipala weTheku uzofaka amamitha amanzi ezindaweni ebezingenawo.
Kuzobuye kulungiswe amamitha amadala noma anezicucu ezingasasebenzi kahle.
Lolu hlelo lokufakwa kwamamitha amasha luzokwenziwa emizini yabantu, emafemini, nakwezinye izikhungo.
Inhloko yophiko lwamanzi nenhlanzeko kuMasipala weTheku, uMnuz Ednick Msweli, esitatimendeni, ithe ukufakwa kwamamitha amasha kuzosiza ukuthi babone ukuthi amanzi ayaphi.
“Sibhekene nenkinga yokumosheka kwamanzi ngakho siza nezisombululo ezihlukene. Esibala phakathi kwazo ukusukuma ngokushesha siyolungisa lapho kunamanzi avuzayo. Uma sinamamitha kuyo yonke imizi nakumabhizinisi siyakwazi ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayaphi, sibone nokuthi asetshenziswa kanjani,” kuchaza uMsweli.
Ucele umphakathi ukuthi usebenzisane nabo ukuvikel ingqalasizinda emaseleni ayebayo nayicekela phansi.
“Siyasenza isiqiniseko sokuthi amanzi ethu aya kubantu abafanele kodwa sinezinkinga zokwebiwa kwengqalasizinda okubalwa amamitha. Kwezinye izindawo kugcina sekuvuza amapayipi, bese kumosheka amanzi. Lokhu kuholela ekutheni abantu bamoshakalelwe yimali kodwa kubuye kuphazamiseke ukuphakelwa kwamanzi ngesikhathi sithumele amathimba awalungisayo,” kusho uMsweli.
Uthe yize benemikhankaso yokulwa nokumosheka kwamanzi kodwa bayaqhubeka nokupha abampofu amanzi amahhala awu-6 kilolitres ngenyanga.
UMasipala weTheku ubuye unikeze abampofu ugesi owu-65 kilowatts ubathuthele mahhala udoti nendle.
Okwamanje uhlelo lokufakwa kwamamitha amasha luseCato Ridge kanti luzoya nakwezinye izindawo zikaMasipala weTheku.