AMAKHOSI KwaZulu-Natal afuna amandla okususa izinduna ezikhundleni ekhala ngokuthi selokhu zahola azisahloniphi.
Asho lokhu izolo emhlanganweni kaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube eThekwini.
Iningi likhale ngokuthi linqindeke amandla ngoba alikwazi ukususa izinduna.
“Umthetho uthi kumele sibhalele uNgqongqoshe uma sifuna ukususa induna esikhundleni. Selokhu izinduna zaqala ukuhola zenza noma yikanjani,” kusho inkosi.
Inkosi Nathi Maphumulo, ikhale ngokuthi kumele kwaziwe ukuthi induna ihlala isikhathi esingakanani esikhundleni nokuthi imuphi umsebenzi wayo wansuku zonke.
“Kumele sazi ukuthi induna izohlala 5 noma 10 weminyaka kubhalwe nokuthi yenzani,” kusho uMaphumulo.
Izinduna sezihola ngaphezulu kukaR8 000 ngenyanga.
Umnyango wabela izinduna cishe uR300 million wokuziholela. Zibalelwa ku-3 150 izinduna eziholayo kulesi sifundazwe.
UMaphumulo ukhale nangokuthi kunezinduna osekuphele izinyanga zingaholi.
UNkk Dube-Ncube, uthe kusemthethweni ukuthi ngaphambi kokuthi induna isuswe kudingeka isizathu.
Uthe izinduna akuzona ezikahulumeni kodwa ezamakhosi ngakho ngeke banqumele inkosi ukuthi iyiphi induna okumele isebenze nayo.
“Kunophenyo loKlebe nezinye izinhlaka eziphenya indaba yezinduna esezafa kodwa eziholayo. Ezinye kuthiwa zineminyaka emincane ukuthi zingaba yizinduna,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe ayikho inkosi eke yambhalela ifuna kususwe induna.
Umnyango ukweleta izinduna imali ebalelwa kuR1.2 billion.
Izinduna ziqale ukuhola ngo-2016 kulandela umhlangano wazo nowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma zikhala ngokuthi aziholi.