AMANYE amakhosi awafuni nakuyizwa indaba yeNgonyama Trust njengoba ethi afuna ukuziphathela wona umhlaba wawo, azilawulele nemali eyenziwa ngawo.
Inkosi Mzabane Makhoba yaseKokstad eNingizimu yeKwaZulu-Natal ithe yize yabekwa yiSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu futhi iyawuncoma umsebenzi owenziwa Ingonyama Trust evikela umhlaba wamakhosi ukuthi uthathwe wuhulumeni kodwa amakhosi kufanele aziphathele umhlaba wawo.
“INgonyama Trust kufanele inike amakhosi ilungelo lokuthi aziphathele imali ekhokhwa abatshalizimali abasuke besebenzisa umhlaba. Njengamanje yonke imali eyenziwa emhlabeni wamakhosi iya kwiNgonyama Trust. Amakhosi nezizwe zawo awahlomuli ngalutho,” kusho uMakhoba.
Uthe amakhosi kufanele aziphathele wona umhlaba wawo nemali eyenziwa kuwona ukuze kuzohlomula izizwe zawo.
KwaZulu-Natal angu-303 amakhosi ahambisana nokuthi umhlaba wawo uphathwe iNgonyama Trust futhi awafuni ukuthi uhulumeni asondele kulo mhlaba.
INgonyama Trust iphethwe yiSilo, inomhlaba ongu-2.8 million hectares okungumhlaba wasemakhaya omningi kanti ngonyaka iqoqa uR90 million kosomabhizinisi abasebenzisa lo mhlaba.
Inkosi Bhungane Hadebe ithe isizwe sayo esise-Estcourt asiyazi iNgonyama Trust ngoba asikaze sithintwe ngesikhathi isungulwa.
“Sihambisana neSilo ekutheni umhlaba ngowamakhosi akusiwo okahulumeni kodwa asihambisana neNgonyama Trust ngoba yasungulwa ngaphandle kokwazisa amakhosi,” kusho uHadebe.
Umkhankaso wokuvikela iNgonyama Trust uqalwe emuva kokuthi owayenguMengameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe ededele umbiko owawuphakamisa ukuthi uhulumeni kufanele ahlakaze Ingonyama Trust ngoba ayihambisani nomthetho sisekelo.
Umholi we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngokubambisana nohulumeni kaMengameli owayephethe ngaleso sikhathi uMnuz FW de Klerk, yasungula Ingonyama Trust ngo-1994.
Ngesonto eledlule uButhelezi uthe wasungula iNgonyama Trust ukuvikela umhlaba wabantu basemakhaya.
Enye inkosi ecele ukungadalulwa ithe iSilo asinawo umhlaba ngoba ngowokhokho bamakhosi abawudlulisela kwizizukulwane zabo.Asihambisani nokuthi umhlaba wethu uphathwe Ingonyama sifuna ukuziphathela wona njengoba sasiwuphethe kudala,” kusho le nkosi.
Enye inkosi ikhale ngokuthi kudala ibizithathela izinqumo ngomhlaba wayo kodwa manje sekufanele ibhalele Ingonyama ngaphambi kokusebenzisa umhlaba wayo.
Inkosi Nhlakanipho Maphumulo enguNobhala weCongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) ithe wonke amakhosi anelungelo lokuphatha umhlaba wawo kodwa abatshalizimali okufanele basayine isivumelwano sokusebenzisa umhlaba neNgonyama Trust.
“Osomabhizinisi bakhokha irenti yokusebenzisa umhlaba kwiNgonyama Trust. Kunama-akhawunti aveza ukuthi umhlaba wenkosi ethile wenza malini ,” kusho uMaphumulo.
UMntwana uThulani Zulu okhulumela Isilo walile ukuphawula.
UJaji Jerome Ngwenya onguSihlalo weNgonyama Trust Board akawaphendulanga ama-sms nama-emails athunyelelwe wona ngesonto eledlule.
Iphephandaba iMail&Guradian libike ukuthi iNgonyama Trust iyiswe enkantolo ngabantu abafuna iyeke ukukhokhisa amasonto, osomabhizinisi nabanye abantu abasebenzisa umhlaba wamakhosi.
KwaZulu-Natal ibandla lamaLuthela libalwa nezinhlangano ezihambise Ingonyama Trust enkantolo ngoba likhala ngokuthi abantu bazolahlekelwa wumhlaba uma behluleka wukukhokhela umhlaba.
Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ayiphumelelanga.