INKANTOLO yoMthethosisekelo kulindeleke ukuba ikhiphe usuku ezothula ngalo isinqumo ngombango wobuholi ebandleni lamaNazaretha njengoba izolo icala lingazange libe khona.
Leli cala liphakathi kwabaseThembezinhle nabaseBuhleni. EBuhleni baholwa yiNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, eThembezinhle baholwa iNkosi Phinda Shembe, emuva kokuba kukhothame iNkosi Vela “Misebeyelanga” Shembe.
Isolezwe likhuluma nommeli waseThembezinhle uMnuz Trevor Nkosi, uthe bebenolwazi lokuthi icala lizoba khona izolo njengoba kwakubhalwe kanjalo kwi-website yoMthethosisekelo kodwa kwangenzeka lokho ngenxa yokuba matasa kwamajaji namanye amacala.
“Icala belingekho ohlwini lwamacala namhlanje, kwakufakwe ukuthi lizoba khona namhlanje kwi-website yenkantolo kodwa kwabuye kwasuswa lokho. Silindele unobhala wasenkantolo ukuba asazise ukuthi amajaji alungele nini ukuba athule isinqumo. Amajaji besazi ukuthi bese ekulungele ukuletha isinqumo. Sesizozwa ngawo, ngoba ngisho nomabhalane wenkantolo uthe uzolindela wona amajaji ukuba akhiphe usuku,” kusho uNkosi.
Besibhekwe ngabomvu lesi sinqumo njengoba kuzoba isona sokugcina kuleli cala eselidonse kusukela ngo-2011.
Umbango wasuka emuva kokukhothama kweNkosi uVimbeni Shembe uThingolwenkosazana.
Okwasusa umsindo kwaba ukuthi iNkosi Mqoqi Ngcobo yamemezela uNyazilwezulu njengomholi ekubeni kuthiwa yayingagunyaziwe.
Ummeli uMnuz Zwelabantu Buthelezi waba nobufakazi obuqinile bokuthi umholi ofanele yiMisebeyelanga ngoba wasebenzisa incwadi eyasayinwa wuThingolwenkosazana.
Icala lasuka Nkantolo eNkulu eThekwini, laya kweNkulu yaseMgungundlovu, ladlulswa layiswa eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein.
UNkosi uthe yize engenalwazi lokuthi isinqumo sizokhishwa nini kodwa kungaba noma yinini. Uma nje amajaji esekulungele ukusikhipha.