KUQOKWE amajaji amathathu ukuba alalele icala elingxenye yempi yezomthetho ephakathi kukaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, nowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
Amajaji aqokiwe angoRoland Sutherland, Edwin Molahlehi, Marcus Senyatsi, azolalela icala elizongena namhlanje eNkantolo eNkulu eGauteng. Icala lifakwe nguRamaphosa ngoba efuna ukuba kuchithwe icala elifakwe nguZuma, okufanele lilalelwe ngesonto elizayo.
Ngokwamaphepha athunyelwe amathimba abameli bezinhlangothi ezithintekayo, icala ngeke lilalelwe ngohlelo lwezobuchwepheshe kepha bonke abathintekayo bazozifikela mathupha enkantolo.
URamaphosa ufuna inkantolo ichithe icala elifakwe nguZuma, ofuna ukumshushisa mathupha.
UZuma ufuna ukuzishushisela uRamaphosa ngoba umsola ngokuba yingxenye yokwephulwa komthetho ecaleni lapho ezishushisela mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lenkohlakalo, u-Advocate Billy Downer, nentatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi.
Kuleli cala elithethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uZuma usola uDowner ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe. Usola uRamaphosa ngokungathathi zinyathelo ngesikhathi embikela ngokuthi uDowner wephula umthetho.
Kepha uRamaphosa ufuna achithwe amasamanisi ambizela enkantolo awathunyelwa uZuma. Izinhlangothi zombili ziyaqhubeka nokuphikisana emaphepheni asenkantolo.
URamaphosa usamile kwelokuthi uZuma akanalo ilungelo lokuzishushisela yena mathupha. Uthe umthetho omayelana nokuzishushisela mathupha ukubeka kucace ukuthi ukuze umuntu akwazi ukuzishushisela mathupha kufanele kube ukuthi inhlangano yezokushushisa ezweni, iNational Prosecuting Authority (NPA), yenqabile ukushushisa umsolwa, futhi kumele ikhiphe isitifiketi esinegama likamsolwa sokuthi ashushiswe ngasese.
“Lokhu kuqinisekisa ukuthi amasamanisi akhishwayo asemthethweni futhi kunikeza igunya lokuthi kushushiswe umsolwa. Kuleli cala lokhu akuzange kwenzeke.”
Ngokolunye uhlangothi uZuma umile ekutheni isitifiketi asinikwayo siyamgunyaza ukuthi ashushise uRamaphosa.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe isitifiketi esanikezwa uZuma sikubeka kucace ukuthi angasisebenzisa ukushushisa noma ngubani othintekayo ecaleni.
UZuma walivula kusele usuku ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC. URamaphosa usola ukuthi uZuma wayezama ukumvimba ukuthi angawungeneli umbango wezikhundla engqungqutheleni kepha uZuma uyaziphika izinsolo.
I-ANC inomthetho othi bonke abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni, lo mthetho uphinde ubavimbele ekutheni bangenele umbango wezikhundla.