AKUMELE utshwala bamaganu bugcine ngokuthi kukhangiswe ngabo emikhosini yabo kodwa kumele umkhiqizo womama ababenzayo utholakale nasezitolo ukuze bazuze kwezomnotho.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe webuCiko, iMidlalo namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Amanda Bani-Mapena ngesikhathi kunomkhosi wamaganu, obusesigodlweni seSilo eMachobeni , eNgwavuma, ngoMgqibelo.
Uthe kulo mkhosi kukhona uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ozolekelela omama ukuze umkhiziqo wabo uthuthuke bazuze ngawo.
Isilo uMisuzulu kaZwelithini enkulumeni yaso naso sihambe emazwini kaNgqongqoshe sathi kubalulekile ukuthi abantu basebenzise amagugu akhona ezindaweni zabo bakhe umnotho.
“Imikhosi engamagugu ibaluleke kakhulu kithina ngoba isixhumanisa nezolo, inamuhla nekusasa lethu. Imikhosi enjalo kumele ukuthi igcinwe bese iyathuthukiswa ukuze izizukulwane zizofunda kuyo. Lo mkhosi ungezinye zezinto ezinhle esizozigcina ngoba zikhombisa ukuxhumana kwabantu nemvelo. Amaganu, izindlovu zizitika ngawo njengoba nathi kukhona okuthile esikuthola kuwo. Angakwazi ukusidalela amathuba emisebenzi futhi . Ngiyawunxusa umphakathi ukuthi ezindaweni zawo ubheke izinto ezingamagugu ezinganenisa umnotho. Kumele siyibonge inkosi yakwaTembe ngokuthi njalo ngonyaka yenza lo mcimbi,” kusho iSilo.