INKAKHA yomculi we-jazz uDkt Madala Kunene usephosele uhulumeni inselelo yokuthi uvumele amaciko azikhethele wona umuntu ozowaphatha nozobhekela zonke izinkinga nezinselelo abhekana nazo ebucikweni bazo, athi kungenza umehluko omkhulu endimeni.
UDkt Kunene usho njalo ekhuluma emcimbini wokucobelela intsha ngolwazi lwezobuciko obuseBat Centre, eThekwini ngoLwesihlanu, lapho abengesinye sezikhulumi eziqavile zosuku, ebezicobelela izihambeli ngamasu okuhlala isikhathi eside kwezobuciko.
Lo mcimbi ozoze usongwe kusasa, ingqikithi yawo ibithi Resistance, Rights and Resilience - okusho ukuthi wukubekezela, amalungelo nokukukwazi ukuma entweni nakuba kukhona izingqinamba kuzona, izinto lezo obekuzokhuthazwa abantu ukuzenza ukuze bachume emikhakheni eyahlukene abagxile kuyona yezobuciko.
Ekhuluma emcimbini, uDkt Kunene ukhale ngokuthi kuba nzima kubona uma sekumele bakhulume emicimbini efuze lona ukukhuthaza abantu abasha ngokumele bakwenze ukuze bahlale isikhathi eside endimeni, ngoba kwabona beyizinggqalabutho kwezobuciko bakhala amanzi njengengcuba njengoba kukuningi okubakhathaza nokubahluphayo.
“Kumanje sihlangene lapha nje asinalutho eziswini, siswele imali yokuziphilisa. Konke lokhu esikwenza lana sikwenziwa wuthando, akukho lutho esikwazi ukukwenza ngendlela yokuthi sikwazi ukuya phambili ngoba akekho umuntu osinakile ukuthi siphila kanjani,” usho kanje.
Eqhuba, uphosele uhulumeni inselelo yokuthi unikeze amaciko ikakhulu omakadebona njengabo ukuthi ubanike ithuba lokuzikhethela bona wukuthi wobani okumele babahole, kungabi noma wubani abamangazi, okuvele kuvukwe ekuseni sebethulelwa yena.
“Kuyiphutha elikhulu kabi ukuthi uMnyango wobuCiko uholwa wumuntu esingamazeli lutho lwezobuciko, kuvele kuthathwe noma wubani esingamazi ukuthi uke wenzani endimeni, kuthiwe akahole umkhakha obhekele okusikhathazayo. Yizona zonke izinto okumele zilunge kusemanje ukuzama ukuthi izinto nesimo sesmo sibe ngcono kunesiyikhona endimeni.
“Enye futhi inkinga esibhekene nayo wukuthi uMnyango wezobuCiko uxutshwe neminye futhi imikhakha yempilo engahlangene nawo, okwenza kungabi nendlela eyodwa neqondile yokubhekela izinto eziqondene namaciko ngqo. Yizo zonke izinto lezo eziisibuyisela emuva nezidala ukuthi amaciko amadala njengathi, angazazi ukuthi ami kuphi nobuciko. Sigcina ngokuhlonishwa ngezindondo ezingasisizi lutho ukusithuthukisa,” kusho uDkt Kunene.
Ezinye futhi izikhulumi ebezikhona kulo mcimbi obuhlelwe yiyona iBat Centre, bekungoPaul Sibisi, Thami Jali, Tiki Phungula, Sfiso KaMkame, Zamani Makhanya noDavid Mtsaki Msweli. Izethameli zithole ithuba lokuxoxa nala maciko, zibuze nemibuzo eyahlukene yezikudingayo, futhi bekunombukiso wemidwebo nezinto ezahlukene zobuciko.