AKUDINGEKI ukuthi ukhokhe imali eningi ukukhangisa ibhizinisi lezokuvakasha kodwa ungasebenzisa ngisho uwhatsapp ukuze laziwe.
Usho kanje uJohn-Jay Nchoe oyi-content creator nomnikazi wekhasi iGuyGalConner, ngesikhathi ekhuluma ngokushintsha kwendlela yokuzikhangisa kwezokuvakasha.
Uthe njengoba umkhakha wezokuvakasha unabantu abahlukene okubalwa abadala nabancane kufanele basebenzise izinkundla zokuxhumana ukuzikhangisa, banganciki nje ezindleleni ezindala zokukhangisa.
Ubalule ukuthi ababhali bama-blog, abafaka izindaba emakhasini e-zokuxhumana bangasetshenziswa ukukhangisa amabhizinisi.
“Muva nje u-whatsapp wethule izinhlelo ze-Artificial Intelligence (AI) okusho ukuthi ubuchwepheshe bakhona sebuthe thuthu. Umuntu angaqopha ivideo yendawo yakhe ayisabalalise kumaqoqo abantu axhumana nabo kuwhatsapp.
“Angithi u-whatsapp usucishe ufane nethelevishini manje. Usuyakwazi ukusakaza kuwona. Kufanele sizifundise ngabo bonke ubuchwepheshe obuzayo ukuze sibusebenzisele ukuzisiza,” kusho uJohn-Jay.
Udonse ngendlebe abanikazi bamabhizinisi ezokuvakasha ukuthi balandele amakhasi ezindaba asemthethweni ukuze bakwazi ukufafaza ulwazi oluyilona, bangasebenzisani nabantu abangayilandeli imigomo yabezindaba.
Uthe izindlela ezindala zokukhangisa okubalwa amathelevishini, imisakazo namaphephandaba zisazosebenza kodwa abantu kufanele babheke nokusha.
“Ngisafundela ubuntatheli ngatshelwa ukuthi amaphephandaba azoshabalala, kodwa namanje asekhona. Umehluko wukuthi asekwazi ukusabalalisa izindaba kuma-website nasezinkundleni zokuxhumana.
“Ayayishintsha indlela asebenza ngayo ukuhambisana nezikhathi ngakho namanye amabhizinisi kufanele alandele le ndlela yokusebenza,” kusho uJohn-Jay.
UNksz Nokuthula Khwela oyi-influencer yezokuvakasha, uthe kubalulekile ukuthi umlando wezindawo zokuvakasha ungagcinwa nje kuzona kodwa usatshalaliswe nange-internet.
Uthe kungasetshenziswa amathuluzi obuchwepheshe besimanje okubalwa i-augmented reality, lapho umuntu ekwazi ukubona indawo azoyihambela, ukuthi injani, kwenziwani uma uye khona nokunye okuningi.
Ubalule ukuthi kukhona namathuluzi okubhala asiza ukusheshisa umsebenzi wokubhala kodwa lokhu akusho ukuthi ababhali bayavilapha ngoba kufanele baqinisekise ukuthi babhala okuyikho.