AKUKAZIWA ukuthi kungase kubuye nini ukuphakelwa kwamanzi okujwayelekile emiphakathini eseNyakatho yeTheku engenawo.
Izindawo ezithintekile iNtuzuma, izingxenye zaKwaMashu, iPhoenix, uMhlanga, iVerulam naseNewlands.
IDA ifuna kungenele uMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle ngoba kunemiphakathi osekuphele amasonto amabili engaphumi amanzi kompompi bayo. Isimemezlo sokuthi kunenkinga edamini iDurban Heights Water Treatment Works sikhishwe ngoLwesine.
UMnuz Thabani Mthethwa we-DA, uthe: “Sifonelwa umphakathi wakulezi zindawo ukhala ngokuthi sekuphele amasonto amabili kungaphumi neconsi kompompi."
Uthe usebhalele inhloko yophiko lwamanzi kuMasipala weTheku, uMnuz Ednick Msweli, ecela ukuthi kunyuswe isibalo samaloli alethela umphakathi wakulezi zindawo amanzi.
UMasipala weTheku ngempelasonto ukhiphe isitatimende esithi kulezi zindawo ezibaliwe kuzophazamiseka ukuphakelwa kwamanzi ngenxa yokuthi amanzi owathola kuMngeni-uThukela Water ancishisiwe.
UMnuz Siyabonga Maphumulo, okhulumela uMngeni-uThukela Water, uthe bamatasa bahlanza ulwelwesi oluluhlaza olugcwele idamu oluvale izihluzo.
"Ososayensi bethu basitshele ukuthi lolu lwelwesi olungavamile luvimbela ukuhluzeka kwamanzi okumele angene emapayipini nokuholelela ekutheni amanzi angaphumi kahle. Kumele siqale sihlanze ulwelwesi sikhuculule izihluzi. Ngokujwayelekile ulwelwesi luvame ukuba khona ehlobo kodwa ukushintsha kwesimo sezulu kudala ukuthi kube nezinto eziningi ezishintshile. Lolu hlobo lolwelwesi olukhona manje luningi ngokungajwayelekile. Siyazi ukuthi umphakathi ulindele ukuthi sisho ukuthi isimo sizolunga nini kodwa okwamanje asikwazi ukusho. Senza konke okusemandleni ukuze sibuyisele isimo kwesejwayelekile, " kusho uMaphumulo.
Imeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, izolo icashunwe kweminye imithombo yezindaba ithi izindawo eziphakeme ezifana neNtuzuma nezinye izona ezithinteke kakhulu ngoba amanzi akhona mancane.
“Ingqalasizinda yethu isindala, amanye amapayipi ayavuza. Izikhukhula zengeze ezinkingeni ebesinazo kodwa inkinga yakamuva idalwa ilolu lwelwesi. Umasipala uzothumela amaloli amanzi engeziwe ezindaweni ezithintekile,” kusho uXaba.