ISANUSI sesimo sezulu siphika eyokuthi kukhona inkanyamba njengoba kuke kushiwo uma kudlula yona iphephula izindlu.
UMnuz Mkhushulwa Msimang, oyisanusi sezulu kwaSA Weather Service, uchazele Isolezwe ngokusuke kwenzeka uma kuhlasela isiphepho nesishingishane esibizwa nge-tornado.
Isishingishane esihlasele KwaZulu-Natal ngeledlule sidale omkhulu umonakalo.
Sishiye kukhalwa ezindaweni ezimaphakathi nesifundazwe kwasabalala nama-video ekhombisa isishingishane namafu asabekayo.
UMsimang uthe uyazi ukuthi kusenabantu abakholwa wukuthi kukhona ngisho inyoka okuthiwa inamakhanda ayisikhombisa eshiya izindlu ziwe phansi uma idlula. Konke lokho uthe akulona iqiniso.
Echaza ngesishingishane uthe: “Lona umoya onamandla ozungezayo oqhamuka efwini eliphethe ukuduma. Umoya ushaya umzungezo bese wehlela phansi wakhe umfanekiso wefonela.”
Uthe uma lingekho ifu elinokuduma asibi khona isishingishane.
Uveze ukuthi yingakho ungakaze uzwe kuthiwa senzeke ngoJulayi lapho izulu lingadumi.
Ugcizelele ukuthi isishingishane siyenzeka ngokuthi kuhlangane umoya emafini ogijima ngesivinini.
UCHAZA ngenkolelo yenyoka edala isiphepho uMnuz Mkhushulwa Msimang (okwesokudla) oyisanusi sezulu kwaSA Weather Service
Uthe uma uhlangana kudaleka ifu elimnyama elinemibala eyisikhombisa eliba wumfanekiso wamabele.
Yilokhu athe kwenza abantu bacabange ukuthi yinyoka enamakhanda ayisikhombisa ngenxa yemibala evela emafini.
Uthe lokhu kubonakala kahle ngeSatellite.
“Manje, njengoba sekukhona izinga eliphezulu lobuchwepheshe, abantu sebeyakwazi ukulidokotela ifu. Kuke kwaba nefu elibonakala lihamba sengathi umuntu lasabalala ezinkundleni zokuxhumana. Lapha kusuke sekusetshenziswe ubuchwepheshe nje,” kusho uMkhushulwa.
Uthe isishingishane kuleli asikaze senzeke size sibe ngaphezu kwemizuzu eyisihlanu.
Uveze ukuthi sifika ngokushesha bese siyaphela kusale isiphepho esijwayele ukudala umonakalo.
Ngesikhathi kuhlasele isishingishane abanye bazibuze ukuthi kungani singaxwayiswanga.
UMsimang uthe akulula ukuqagela ukuthi kuzoba nesishingishane.
“Uma sikhipha izexwayiso sigcizelela ukuthi kuzoba nomoya nokuduma okunamandla. Uma sigcizelele lokho kusuke kungenzeka lowo moya uhambisane nesishingishane,” kusho yena.
Mayelana nokuduma kwezulu uMsimang uthe lisazoduma njengoba kusehlobo okubalukeile wukuthi abantu baziphathe ngendlela efanele.