UMNTWANA uThembi Ndlovu uthi akukavalwa ukuqokwa kozongena esihlalweni sobukhosi esishiywe yiSilo esisanda kukhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Yize isizwe satshelwa ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sesihleli esihlalwenni sobukhosi, kusele ukuthi sigcotshwe ngokusemthethweni kuphela, kodwa uMntwana uThembi yena ukholelwa wukuthi noma ngubani usengaqokelwa kulesi sikhundla njengoba iSilo singakagcotshwa ngokusemthethweni.
UMntwana uThembi ukusho lokhu engxoxweni neSolezwe izolo ngesikhathi ebuzwa ngezinsolo ezithi yena noMtwana uMbonisi, sebeshaye ungqimphothwe esibophezelweni abasenzayo sokweseka iSilo esisanda kuphakanyiswa.
Lezi zinsolo ziqhamuka emva kokuvela kwamahlebezi athi laba baNtwana bahamba imihlangano ehlelwa ngabangenelisekile ngokuqokwa kweSilo esisha.
Ebuzwa ukuthi kungani ehamba imihlangano yabanganelisekile ekubeni yena azibophezela ekwesekeni iSilo esisha, uMntwana uThembi, uthe ngokwazi kwakhe akekho osegcotshiwe futhi akukavalwa ukuqoka.
"Njengoba ngangishilo nasekuqaleni ukuthi yizingane zami zonke lezi, ngoba bazalwa ngumnewethu, ngathi ngiyokweseka noma ngubani oyobekwa esihlalweni. Njengamanje akekho osegcotshiwe ngokusemthethweni. Akukagcotshwa nokuqokwa akukavalwa."
UMntwana uThembi wazakhela udumo enkonzweni yesikhumbuzo kaBhejane, ngokuthi athi yiNkosi kuphela eyazi ozongena esihlalweni sobukhosi.
Ungomunye wabaNtwana abagqame ngokujikijelana ngamazwi noNdunankulu waKwaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, ngesikhathi kukhotheme uMdlokombane nangesikhathi kuguqe iNdlovukazi Shiyiwe Mantfombi Dlamini-Zulu.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo abangenelisekile ngokuqokwa kweSilo, bayaqhubeka nokuba nemihlangano lapho besuke bebhunga ngamaqhinga okuphonsela inselelo ukuqokwa kweSilo.
Kuthiwa kweminye yemihlangano yabo abaNtwana baphakamisa izinyane likaMdlokombane, uMtwana uSimakade Zulu, ukuba kube yilo elingena esihlalweni.
Ulanda umthombo, uthe abaNtwana uThembi noMbonisi, bayingxenye yemihlangano eyimfihlo.
Ulanda umthombo uthe lolu hlangothi lusanda kuba nomhlangano ngempelasonto, owaba emva kokufihlwa kukaMtwana uSiphiwe Dilange, waseMtubatuba.
Umthombo uthe kuloyo mhlangano uMntwana uMbonisi wayengekho siqu sakhe, kepha wayexhunywe ngeselula emhlanganweni.
UMntwana uThembi yena kuthiwa wayekhona.
Ebuzwa ngalowo mhlangano, uMntwana uThembi uthe wazi ukuthi lowo mhlangano wabhuntsha ngenxa yokushona koMtwana uMgeyane. Kuthintwa uMntwana uMbonisi, uvele wayivala intatheli ingakaqedi ukubuza, wathi ngeke akwazi ukuphendula ngoba akekho esifundazweni.
Kuthintwa okhulumela indlunkulu, uMtwana uThulani Zulu, unqabile ukuphawula ngemihlangano yangasese.
Uthe akazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi akukavalwa ukuqokwa kweSilo ngoba akakaze ezwe kuthiwa kuvuliwe.