Kushaqeke abantu abaningi uMbhishobhi webandla iSithelo SikaJehova, uBhongolwethu “Dkt Khehlelezi” Mzo, egonyuluka ngokuzifela ngocansi lwabantu abathathu.
UKhehlelezi, obuye abe yinyanga edumile eThekwini, ubephendula ngezinsolo zokufunwa lolu hlobo locansi ngomunye umuntu wesifazane.
Ekhuluma kwiPodcast and Chill, uKhehlelezi ubuzwe wuGogo Skhotheni ukuthi wagcina eyile yini ocansini nentokazi eyayimfuna ocansini oluhlanganyelwe nomunye umfundisi waseZimbabwe.
Esikhundleni sokuphendula ngempendulo eqondile, uKhehlelezi uvele wangena ezintangeni.
Kunalokho udalule ukuthi engakashadi ubezitika ngocansi nabantu besifazane abevile koyedwa ngenxa yokuthi abantu abadala bayaluthanda ucansi.
“Ngoba nginesithembu ngingalwenza lolu hlobo locansi namakhosikazi ami. Ukukhuluma nje iqiniso, abantu bazothi ngiyisangoma esinjani esithanda ucansi. Abantu abadala bayakuthanda ukuya ocansini. Akekho umuntu othanda ucansi njengesangoma.”
Ebuzwa ukuthi abantu abashadile bangaya yini ocansini oluhlanganyelwe, uKhehlelezi uvumile ukuthi kungenzeka uma bezwana ngoba akusoze kwenzeka uma beyinkukhu nempaka.
Kwenzeka lokhu uKhehlelezi usematheni kulezi zinsuku emuva kokuba umholi we-ANC embize ngeqola ebelisanda kukhala ngokufetshelwa ngenye yamakhosikazi alo.
Lo mholi wathi uKhehlelezi weza kuye emnxusa ukuba amkhuzele isikhulu sikamasipala ukuba sihlukane nomkakhe.
Eziphendulela, uKhehlelezi uthe wamuzwa lo mholi futhi wamxaka ngoba wayeselwa naye siqu ngoba esuke wagxeka i-ANC esidlangalaleni.
Uthe noma bengakhuluma kabi kanjani ngaye kodwa yena akasoze adalula izimfihlo zabaholi be-ANC ngoba usemdala kwipolitiki.