KUGQUGQUZELWE abaqashi ukuthi baphawule ngemithetho emisha yezokulingana emsebenzini, i-Employment Equity.
Uhulumeni uvule ithuba lokuthi zonke izinhlaka ezithintekayo ziphawule ngalo mthetho njengoba kunezigaba ezicaciswe kabanzi.
Muva nje inkampani yabameli iCliffe Dekker Hofmeyr (CDH), ibe nesithangami sokucobelelana ngolwazi ngemithetho emisha ethinta ukulingana.
UNksz Phetheni Nkuna ongummeli wezabaSebenzi, eCDH, uthe imithetho emisha ayisho ukuthi ukulingana emsebenzini kufanele kubheke ibala lomuntu kodwa ifuna wonke umuntu anikwe amathuba afanayo.
“Imithetho yezokulingana akufanele ibhekwe njengento egqugquzela ukucwaswa kwabathile ngenxa yebala labo. Empeleni ifuna kuqashwe abantu abanamakhono afanele.Lokhu kungenzeka ngokuthi banikwe ithuba elifanayo lokuncintisana nabanye ozakwabo. Kubalulekile ukuthi abaqashi babeke imibono yabo,” kusho uNksz Nkuna.
UMnuz Imraan Mahomed naye owummeli ogxile kwezomthetho ethinta ezokuqasha, uthe uNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi, akashongo ukuthi kunabantu okufanele baxoshwe njengoba ehlongoza ukuchibiyela imithetho yezokulingana emsebenzini.
“Okushiwo kule mithetho ehlongozwayo wukuthi abantu abathole amathuba afanayo. Kufanele abaqashi baqaphele indlela abakhangisa ngayo imisebenzi ngoba uma ukhangisa ngaphakathi kungenzeka uthole abantu abawubulili obufanayo nebala elifanayo. Kubalulekile ukucacisa uma abaqashi sebephawula ukuthi emkhakheni othile kunalezi zingqinamba nokuyikona okwenza kuqashwe abantu ababodwa,” kuchaza u-Mahomed.
Uthe kubalulekile nokuthi abaqashi babheke imithetho yezokulingana ethinta umkhakha wabo nesifundazwe abasebenzela kusona.
Ubalule ukuthi inkampani esebenza kuzwelonke izogxila kakhulu emithethweni yokulingana kazwelonke bese kuthi leyo ezinze esifundazweni esithile igxile emithethweni yokulingana ehambisana naleso sifundazwe.
Ukhumbuze abaqashi ukuthi bangakhohlwa wukuqasha abantu abakhubazekile, abesifazane, intsha, abathandana nabobulili obufanayo njalo njalo.
Uveze ukuthi muva nje kunabantu abangathandi ukusho ubulili babo nokuthi bayisiphi isizwe, isibonelo abathandi ukuthi bamnyama noma bamhlophe.
Konke lokhu uthe kufanele abaqashi bakucacise uma bephawula ngoba uma le mithetho isiphasile, abahloli boMnyango wezabaSebenzi bazozihlawulisa izinkampani ezingayilandeli.
Abaqashi banezinsuku eziwu-90 zokuphawula ngalo mthetho wokulingana ngakho kufanele balisebenzise leli thuba.
Ubalule ukuthi uma imithetho isisebenza kufanele izinkampani zisho ukuthi zenza miphi imizamo ukuletha uguquko ukuze kube nazo zonke izinhlanga ezikhundleni eziphezulu.