USHAYA phansi ngonyawo uNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ngokuthi akekho ozovala futhi adle izimpahla zale nhlangano.
UMbalula uthe bashaqekile bethola ukuthi bakweleta inkampani i-Ezulweni Investment u-R102 million, ngomsebenzi wokugaya izingqwembe zokukhankasela ukhetho lukazwelonke lwango-2019.
Uthe abasebenzi ababili be-ANC, basebenzisana nale nkampani ukuthi baqole inhlangano yabo le mali ekubeni bengakaze basayine sivumelwano sokusebenzisana nayo futhi nencwadi okuthiwa wayisayina yayikokoteliwe.
“Bayasiqola. Bazi kahle ukuthi abukho ubudlelwano bokusebenzisana esaba nabo nale nkampani. Esibakweletayo senza izinhlelo zokuthi sibakhokhele.
Akukho msebenzi esawenzelwa yile nkampani. Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi akekho ozovala i-ANC, aphinde adle nempahla,” kusho uMbalula esithangamini sabezindaba izolo.
Uthe sebethembele enkantolo, ukuthi ibatakule kulolu bishi abangalwazi.
Le nkampani yayisa uKhongolose enkantolo, yafike yaphuma phambili njengoba muva nje ivunwe yiNkantolo yezamaCala aDlulisiwe.
UMbalula owayeyinhloko yezokhetho ngo-2019, uthe uma bechithwa yinkantolo ayikho enye into abazoyenza, bazokhokha.
“Silandela umthetho. Sisenethemba lokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo izosivuna. Kodwa uma isichitha, sizobe singenayo enye indlela ngaphandle kokuthi sikhokhe.
Sizobe sikhokhela into esingayazi nengekho, ngoba lezo zingqwembe asikaze sizibone. Sasingeke sithi sisezinkingeni zemali senze izingqwembe ezibiza kanje.”
Uveze ukuthi bazothula umbhalo wezethembiso zokhetho, enkundleni iMoses Mabhida eThekwini ngonyaka ozayo ngo-Febhuwari 24.
“Uthe angezwa nje ukuthi sizothula lo mbhalo eThekwini, umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, wajaha ukumemezela ukuthi bazowuthula eThekwini ngenyanga efanayo.”
Uthe kuzoya ngokuthi ukhetho lunini kodwa irali yabo yokugcina yokukhankasela ukhetho, iSiyanqoba, izoba senkundleni i-FNB eGoli.
“Siya okhethweni kunzima kodwa sifuna ukudla umhlanganiso. Sizoluwina ukhetho, asizikhathazi ngamaqembu ahlanganile asebenza ndawonye ukuketula i-ANC.”
UMbalula uthe nabathinteka embikweni wekhomishini eyayiphenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana, bazovela ngaphambi kwekomiti lezobuqotho enhlanganweni.
Ugxeke omakadebona be-ANC, ukuthi uma benganeme ngezinto ezithile kumele basondele eduzane beze kubona bazokhala, hhayi ukuhambe begxeka esidlangaleni.
Mayelana nohlelo lokukhethwa kwabazomela le nhlangano eziShayamthetho nasePhalamende, uthe bayabahlola ukuthi abanawo yini amacala futhi akubanga namsindo, nombango ngabaphakanyisiwe.