NKOSIYAZI PHUNGULA
Y IZE usiko lokuthwala lugxekwa nxazonke kodwa isishoshovu samasiko, uDkt Nomagugu Ngobese, sesiphumele obala sathi sizokwenza noma yini ukulwa nabafuna ukulishabalalisa.
Engxoxweni esibe nayo ne Solezwe lesi shabasheki esingumsunguli wenhlangano, iNomkhubulwana Cultural Institute, sikhwele sadilika ezinhlanganweni ezithi lolu siko kumele luthathwe njengecala lokuthumba, sathi siyabona ukuthi abasho lokhu sebengenwe wumoya wamazwe aseNtshonalanga nabo sebebheka izinto ngeso lesilungu kuphela.
UDkt Ngobese ufunge wagomela wathi uzolwa nanoma ngubani ogxeka lolu siko. Uthi abalugxekayo yingoba bengakwazi ukwehlukanisa lona nobugebengu.
“Ngiyabona ukuthi ngisahlalelwe wumsebenzi omkhulu wokwenza izigcawu zokuchazela abantu ngemvelaphi yalolu siko ukuze bakwazi ukwehlukanisa uma abesilisa sebenza ubugebengu becasha ngalo. Nami kumele ngisheshe ngikubeke kucace ukuthi angihambisani nabantu abaphoqa amantombazanyana ukuba ayogana abantu angabathandi noma bahudulwe nje beyoganiswa ngoba akulona usiko lokuthwala lelo kodwa wukuthumba, okumele baboshwe abakwenzayo,” kusho uNkk Ngobese.
Echaza kabanzi ngemvelaphi yalolu siko uthe emandulo bekujwayelekile ukuthi abazali bentombazane noma umfana bakhethele izingane zabo ukuthi zendele noma ziganwe kuphi.
Uthe lokhu bekuzihlukumeza izingane ngoba bekumele intombi noma insizwa yehlukane nomuntu emuzwa ngaphakathi iye kogana lo engamfuni ngenxa yengcindezi yabazali. Uveze ukuthi kwakuvame ukuthi kube ngonina bezintombi ababefaka ingcindezi emantombazaneni abo bethi ngeke bavume ayokwendela emzini ohlwempu ongenazinkomo, wathi lokhu kwagcina sekwenza ukuthi intombi ihlele nensizwa eyithandayo ukuba izoyithatha ebusuku yona yenze sengathi ayithandi ngoba isaba abazali.
Uthe lokhu okwenzeka manje akukhona ukuthwala ngakho-ke akuliwe nakho hhayi ukuthwala ngoba bona ngeke bavume kuliwe nesiko.
Uthe njengoba ashiya inkolo yobuKrestu wathatha eyesintu, ubona kuwumsebenzi wakhe ukuyivikela njengoba kwenza amaSulumane uma kukhona abagxeka ibhayibheli lawo iQuran.
Uthe zonke izinkolo zivikelwe wumthetho-sisekelo ngakho-ke nenkolo yesintu ivikelelile. Uzimisele nangokuxhumana nomasipala nezinduna emakhaya kubuyiswe uhlelo lwamaqhikiza.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Ncumisa Fandesi, uthe ngeke baze baqophisane noNkk Ngobese ngemvelaphi yalolu siko, kepha bona njengomnyango ngeke bathule kuhlukunyezwa amalungelo ezingane ngoba umthetho uthi ingane eneminyaka engu-15 ayikwazi ukugana.
Indaba yokuthwala isesematheni njengoba Isolezwe lisanda kubika ngezigameko ezimbili zokuthunjwa kwamantombazane ngabesilisa besebenzisa lolu siko.
Isigameko sokuqala senzeke eBulwer lapho umfundi oneminyaka engu-15 evikelwe wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi umndeni wakhe sewuhlele nendoda ethile ukuba iyomenza unkosikazi ngoba isimkhulelisile.
Le nsizwa Isolezwe elinalo igama layo ivulelwe icala lokudlwengula kodwa kusalindwe isinqumo somshushisi omkhulu ukuba asho ukuthi iboshwe yini.
Esesibili senzeke eCliffdale, ngaseHammarsdale, lapho kuboshwe umkhwenyana nomkhwe wakhe ngemuva kokuganiselana ngentombazane eneminyaka engu-15 okuvele ukuthi ilotsholwe ngeziklabhu. Leli cala lisenkantolo.