ABALIBONANGA elidlalayo abantu abafana noMengameli woPhiko lwaBesifazane lwe-ANC, uNksz Bathabile Dlamini, kwiKhabhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa ayimemezele ePitoli izolo ebusuku.
UNksz Dlamini ngomunye wabantu abebehlale begxekwa ngokuthi akumele babe yingxenye yeKhabhinethi kaRamaphosa njengoba esolwa ngokuthi washaya udaka eMnyangweni wezeNhlalakahle yoMphakathi.
UNksz Dlamini ubengungqongqoshe ehhovisi likaRamaphosa kanti omunye wabantu abangazange babuye kubalwa uNksz Susan Shabangu, oke wawuphatha lo mnyango noJeff Radebe owayephethe eZamandla nokuMbiwa.
Omunye wabantu abakhishiwe uNksz Thokozile Xasa, obephethe uMnyango wezemiDlalo, uMnuz Rob Davies obephethe ezoHwebo neziMboni.
UNobhala we-ANC uMnuz Ace Magashule uthe umengameli uxoxe nezinhlaka ezehlukene ngeKhabhinethi.
Uthe labo abangazange balibone elidlalayo bazokwazi ukuthola elinye ithuba njengokuthi bejutshwe babe ngosihlalo bamakomiti.
URamaphosa uthe labo angazange abakhethe uxoxe kabanzi nabo wathi abanye uzoqhubeka basebenze ngoba banamava.
URamaphosa umemezele ukuthi uyalinciphisa iKhabhinethi yakhe isuka kongqongqoshe abangu-36 yaya kwabangu-28.
Uthe lokhu ukwenza ngenxa yesimo somnotho esingesihle nesikhalo sokuthi inkulu kakhulu.
“Sinqume ukuhlanganisa eminye iminyango ukuze ikwazi ukusebenza, sandisa namaphini ongqongqoshe kweminye iminyango. Sifuna ukusebenzela abnatu bakuleli abangu-57 million kanti abakhethiwe kumele bazi ukuthi sikhulu kakhulu isidingo kubantu bakuleli kumele basebenze ngoba ngizosayina izinkontileka nabo esizozibheka njalo. Uma kungukuthi abasebenzi sizothatha izinyathelo ezinqala,” kusho uRamaphosa.
Uthe asikho isikhathi sokudlala kumele kusetshenzwe.
USotswebhu we-ANC ePhalamende, uNksz Pemmy Majodina, uthe abangazange bakhethwe kumele bangaphatheki kabi.