MKHULU umsebenzi ohlalele amaqembu ezepolitiki kulo nyaka njengoba amanye awo enezingqungquthela zokukhetha ubuholi futhi kufanele aqale imikhankaso yokhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.
Ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo lubhekwe ngabomvu njengoba onke amaqembu efuna ukuzisikela kwelinonile.
Ukungenzi kahle kwe-ANC okhethweni lukazwelonke obelungonyaka owedlule kweze amaqembu ezepolitiki amaningi akholelwa ukuthi engakwazi ukuzitamuzela komasipala uma sekuvotwa ngonyaka ozayo.
Umhlaziyi wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe lo nyaka uzokwehlukanisa abafana emadodeni.
UNdlovu uthe amaqembu azohluleka ukuzibamba ziqine azoshabalala.
Uthe njengoba unyaka owedlule ubumatasa kwezepolitiki yakuleli, ulindele ukuthi nakulo nyaka kube nesiphithiphithi.
Ukungqubuzana kwamaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana
UNdlovu uthe ulindele ukuthi amaqembu abusa ngokubambisana aqhubeke nokubambana ngezihluthu, kubangwa imithetho.
“Sibonile kuba nobuhixihixi emaqenjini abusa ngokubambisana ikakhulukazi ngesikhathi kuphasiswa umthetho wezikole (i-Bela Act) nomshwalense wezempilo (i-National Health Insurance. Iqiniso ukuthi amaqembu akuhulumeni wokubambisana anemibono engefani.”
UNdlovu uthe nakuba elindele ukuthi kube kuningi ukungaboni ngaso linye, kepha akaboni ukuthi angagcina ehlukana.
I-ANC nezinqumo ezinqala okufanele izithathe
I-ANC kufanele ithathe izinqumo ezinqala kulo nyaka. Izoqala ngokuba nomcimbi wokugubha usuku okwasungulwa ngayo le nhlangano olwaziwa ngeJanuwari 8.
Umcimbi wanonyaka uzokuba sesifundazweni iWestern Cape.
Emva kwalo mcimbi, isigungu esiphezulu eqenjini kufanele sinqume ngekusasa lobuholi basezifundazweni iKwaZulu-Natal neGauteng.
Ubuholi be-ANC kulezi zifundazwe bulengelwa yizembe ngenxa yokuthi inhlangano ayizange yenze kahle kuzona zombili ngesikhathi kunokhetho lwangonyaka owedlule.
KwaZulu-Natal i-ANC yasuka ku-54% yathola u-17%, eGauteng khona yasuka ku-50%, yathola u-33%.
UNdlovu uthe akalindele ukuthi buhlakazwe ubuholi bakulezi zifundazwe, wathi ukuhlakaza ubuholi kungadala uqhekeko.
I-ANC izophinde ibe nomhlangano ozobuyekeza ukusebenza kobuholi benhlangano, i-National General Council.
Lo mhlangano unamandla okuthatha izinqumo ezinqala okubalwa kuzo nesokuthi kuhlakazwe ubuholi bukazwelonke uma kunomuzwa wokuthi abenzi kahle.
UNdlovu uthe le ngqungquthela izoveza ngokusobala ukuthi ngobani abazongenela umbango wezikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ezokuba ngo-2027.
“URamaphosa (Cyril) uphethe ihlandla lakhe lesibili, kubhekwe ngabomvu ukuthi ngubani uzofuna ukuthatha isikhundla sakhe. Aseqalile amagama ukuqhamuka. Liyaqhamuka elikaMnuz Panyaza Lesufi (uSihlalo we-ANC eGauteng). UMnuz Paul Mashatile (iPhini likaMengameli) naye uzosifuna isikhundla.”
Iyaphi iNdlovu?
Lona unyaka obalulekile eqenjini i-IFP njengoba lizojabulela ukuphela kweminyaka engu-50 lasungulwa.
Leli qembu lizophinde libambe ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
Lena kuzokuba ingqungquthela yokuqala yokukhetha ubuholi kusukela kwakhothama umsunguli weqembu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.
UNdlovu uthe ingqungquthela ezayo ingase idale uqhekeko.
“Siyazi ukuthi uMnuz Velenkosini Hlabisa (uMengameli we-IFP) wayengakhethwanga ngokwentando yeningi, wakhonjwa uMntwana. Sifuna ukubona ukuthi bazokwazi yini ukubumbana njengoba engasekho uMntwana. Baningi abalobizela izikhundla.”
I-MK izoqhubeka nokupheka ithulula
UNdlovu uthe ulindele ukuthi iqembu eliholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, i-MK, liqhubeke nokupheka lithulula.
Baningi abaholi abaxoshiwe kuleli qembu ngonyaka owedlule.
UNdlovu uthe inkinga enkulu ukuthi uZuma uphethe i-MK njengespaza sakhe.
“Abekho abantu abazohlala ngokukhululeka kwi-MK. Inkinga enkulu ukuthi kukhona abantu abafika bezohlebela uZuma, naye ukholwa yonke into, bese exosha abantu.”
Kusazoyishubela kakhulu i-EFF
I-EFF ibhekane nezivunguvungu ngonyaka owedlule.
Leli qembu lehlelwe ukwesekwa okhethweni, lasuka ekubeni iqembu lesithathu ngobukhulu njengoba seliyiqembu lesine ngobukhulu.
Leli qembu liphinde lashiywa abaholi abaqavile okubalwa kubo uMnuz Floyd Shivambu, Advocate Dali Mpofu, Advocate Busisiwe Mkhwebane, uMnuz Mzwanele Manyi, bonke asebejoyine i-MK.
UNdlovu uthe akayiboni i-EFF ibuya ngamandla.
“Kahle kahle onke amaqembu ahlubuke kwi-ANC aba nenkinga efanayo. Aqala enze kahle, bese elokhu ehla kancane kancane. Ne-COPE yaqala kanje. Nayo i-EFF yenza kahle ezinkethweni ezedlule kodwa manje isiqalile iyehla. Enye inkinga ababhekene nayo ukufika kwe-MK. I-MK nayo ikhankasa ngezinto ezifanayo nalezo i-EFF akhankasa ngazo.”
I-ActionSa nengqungquthela yokuqala yokukhetha ubuholi
I-ActionSA izokuba nengqungquthela yokuqala yokukhetha ubuholi.
Leli qembu elasungulwa eminyakeni emine edlule alikaze libe nengqungquthela yokukhetha ubuholi, bonke abaholi bayo bayakhonjwa.
UNdlovu uthe akalindele lukhulu engqungqutheleni ezayo, wathi i-ActionSA iyistokufela somholi wayo, uMnuz Herman Mashaba.
UNdlovu uthe i-ActionSA izohlala iyiqembu elincane.
“Bazohlezi bethola isihlalo esisodwa noma ezimbili uma kunokhetho. Nakuba kukhona izinto ezibalulekile abazikhulumayo, njengeyokuthi kuqiniswe ukuqapha abangena kuleli ngokungemthetho, abantu abayinaki indaba ye-ActionSA.”