ABEZEMVELO basebenzisana namaphoyisa ukufuna ibhubesi elibonwe eDundee okusolakala ukuthi leqe esiqiwini esizimele.
UMnuz Musa Mntambo okhulumela Ezemvelo KZN Wildlife, uthe akulona elabo ibhubesi elibonwe eDundee basola ukuthi liphume esiqiwini esizimele kodwa noma kunjalo bayalifuna.
“Simatasa sifuna leli bhubesi ukuze lithathwe liyohlala endaweni efanele. Sisebenzisana namaphoyisa nabaseNambiti Game Reserve. Ibhanoyi beliphumile izolo (ngoLwesibili) ukufuna leli bhubesi kanti nanamhlanje (izolo) simatasa siyalifuna. Akusilo elethu leli bhubesi kodwa sisezinhlelweni zokuzama ukulibamba,” kusho uMntambo.
Uthe uma belithola bazolijova bayolibeka
endaweni efanele kodwa kuzoya ngokuthi babhekene nesimo esinjani, uma lingekho esimeni esifanele kungenzeka lidutshulwe.
UMnuz Heinz De Boer okhulumela iDemocratic Alliance kwezokuThuthuswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uthe bakhathazekile ngebhubesi elicanasa eDundee ngoba likhombisa ngokusobala ukuthi abezemvelo bayahluleka wukwenza umsebenzi wabo.
“Sikhathazekile nangokuphepha kwebhubesi ngoba asikholwa wukuthi abezemvelo bazolithatha kahle kodwa bazolidubula. Sifuna kube nomthetho ovimbela ukudutshulwa kwezilwane ezikwiBig-5 kodwa ngesikhathi senza lesi siphakamiso i-ANC yasiziba.
“Ngo-2019 kweqe amabhubesi awu-10 eziqiwini zabezemvelo iKZN Wildlife.
Lawa mabhubesi ajahwa athi esetholakele afakwa eHluhluwe-iMfolozi Park lapho afike abulawa khona,” kusho uDe Boer.
Uthe ngoLwesihlanu bazobuza uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuthi kwagcina kwenzekeni emabhubesini amabili ayeqe esiqiwini ngonyaka odlule.
Uphethe ngokuthi bayathemba leli bhubesi ngeke libulawe njengalawa ayeqe eHluhluwe.