BAKHALA ngomasingcwabisane abathi ubhala uyacisha ngemali yomshwalense okhokhela izindleko zomngcwabo, abesifazane ababili baseMangosuthu, eDumbe.
Laba besifazane abathenjiswa ukuthi bazokhokhelwa uR30 000 umuntu emunye uma beshonelwa ngenkathi bejoyina, bathi sekuphele isikhathi eside begqigqa emahhovisini eMbalenhle Burial Society, engasacacisi ngemali yabo.
Lo masingcwabisane, bathi bawujoyine ngoNovemba nyakenye, ngemva kokutshelwa ukuthi ngeke baphoqeleke ukuthi balinde izinyanga eziyisithupha ukuze bakwazi ukukhokhelwa imali uma kwenzeka beshonelwa.
Omunye wabo, uNksz Precious Nkosi, uthe abeMbalenhle Burial Society bebedonsa uR210 kwi-akhawunti yakhe njalo uma kuphela inyanga. Uthe izinkinga ziqale ngemumva kokuthi kushone uyise ngoFebhuwari.
“Ngesikhathi ngiyolanda imali, ngiqale ngatshelwa ukuthi kunezincwadi okumele ngizithumele ezinemniningwane edingakalayo. Kuthe sengiphinda okwesibili, ngatshelwa ukuthi akukho mali engizoyithola. Ngiyaxakeka-ke manje ukuthi abanginiki ngani le mali ngoba senza isivumelwano esasayindwa phansi,” kuchaza uNksz Nkosi.
Eqhuba, uthe uzamile ukuvula icala kodwa amaphoyisa amtshela ukuthi kumele ayoxoxisana nabaphathi bale nkampani.
“Sekungicacele ukuthi wayeqonde ukungiqola umfana owangijoyinisa kulo mshwalense,” kusho yena.
Omunye wabagilwa nongathandanga kushicilelwe igama lakhe, uthe naye uhlangabezane nembimbizane ngemumva kokuthi kushone unina. Uthe ugcine esenquma ukuyeka ukulandelela lolu daba njengoba enesifo sephika.
Ethintwa umsebenzi waseMbalenhle Burial Society, uMnuz Siyabonga nonqabile nesibongo sakhe, uthe bamazisile uNksz Nkosi ngophenyo olwenziwa ngabaphenyi benkampani. Uthe udaba lwakhe luzocaca uma sekuphothulwe lona.
“Lo omunye usisi okhonondayo, simazisile ukuthi olwakhe udaba yinto engekho njengoba kunezinyanga angazikhokhelanga. Sasibatshelile bobabili ukuthi umuntu ojoyinayo ulinda izinyanga eziyisithupha kuqala, ukuze akwazi ukulanda izimfanelo zakhe uma eshonelwa,” kubeka lo msebenzi.