KULINDELEKE zigcwale umgwaqo enkabeni yeTheku namhlanje izinsizwa nezintokazi zeNdoni Miss zilibangise eCity Hall ngo-11 ekuseni ukuyokwethula uhlu lwezikhalo zabo.
Lezi zinsizwa zizobe zihola phambili izintokazi zeNdoni Miss Cultural SA zimashela ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane.
Lokhu kulandela ukwanda kwezigameko zokudlwengulwa okubulawa kwabesifazane kulezi zinyanga ezedlule.
Umnikazi weNdoni Miss Cultural, uDkt Nomcebo Mthembu, uthe abafana beNdoni basukumele lesi sihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane ngenxa yokubona isimo saseNingizimu Afrika njengamanje.
Lokhu bakwenza njengezinye zezindlela zokunxenxa nabanye abantu besilisa ukuthi babe yizibonelo.
"Uhlu lwezikhalo luhambisana nezinto eziningi, abakuphakamisa kakhulu ukukhuthazwa kwentsha ngokubaluleka kwesiko. Isiko lidlala indima nalo ekuhlumelelisweni kwezimilo kubantu, linemfundiso nezindlela intsha engazisebenzisa ukulwa nalezi zinkinga,"kusho uDkt Mthembu.
Ephetha uthe lezi zintombi nezinsizwa zinanohlu lwezicelo ezibhekiswe ngqo ehhovisi likamengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa mayelana nokubulawa kwabesifazane.
Lezi zigameko zokubulawa kwabesifazane sezihlukumeze abantu abaningi, abanye baveza ukuthi bathunukala namanxeba ebesephola uma bebona kuqala phansi ukubulawa kwabesifazane.