BAZOTHI bejabulisa abantu ngomculo kaKhisimusi nowokholo babe beqoqa izicathulo ezizonikelelwa abafundi ezikoleni. Lokhu kuzokwenzeka emcimbini waminyaka yonke, owaziwa ngamaChristmas Carols, ovamise ukuba yindumezulu, ozoba se-ICC eThekwini namhlanje ngo-18.30. Kungenwa mahhala. Inhlangano engenzi nzuzo iSolwazi Foundation, ngokubambisana noDumi Mkokstad, Lebo Sekgobela noSindi Ntombela banxenxa abazohambela umcimbi ukuthi baphathe izicathulo nabanganikela ngakho ezikoleni.
UDumi uthe yize inhloso enkulu kuwuthokozisa abantu ngomculo kodwa bakubone kufanele ukuthi bazibandakanye nohlelo lokuqoqa izicalo olwasungulwa yile nhlangano. "Sizobe sibeke amabhokisi lapho abantu bezokwazi ukufaka khona izicathulo abanikela ngazo. Umculo uyawuthokozisa umphefumulo womuntu, futhi siyakwazi ukuvuselelana ngawo. Yingakho lo mcimbi wenziwa ube mahhala, ukuze noswele athole ithuba lokubusiseka. Inhlangano ifuna kungagcini ngoKhisimusi kodwa noma sekuvulwa izikole kusizakale abafundi ngalo mcimbi," kusho uDumi Mkokstad.
Ngaphandle kwakhe noSindi uveze ukuthi kusho lukhulu kuyena ukuba yingxenye yomcimbi. ULebo wodumo lwengoma iLion of Judah uthe ukusebenza nabokholo kuyawuvuselela umoya wakhe naye njengomunye umculi. Ukuba yingxenye yomcimbi wokusiza abantu, ukuchaze njengento eyibhonasi ngoba ukuzwa egazini ukusebenza nentsha, kwazise naye unezinhlangano ezahlukene zokusiza abahlwempu, okubalwa nabafundi. Ngaphandle kwalaba baculi kuzobe kukhona ne-Anglican SA Ikhaya Lebandla Choir.