IQEMBU uMkhonto weSizwe (MK), lithi lisayimunyunga indaba yokuthi lizowathaka kanjani amalungu ePhalamende, ukuze ibe nenqanawe yekhokhasi.
I-MK isabukisisa eyohlu ngemuva kokugoba kophondo yazidela amathambo yathi amalungu ayo azoya ePhalamende, ayofungiswa maduze. I-MK ibifunga igomela ithi ayiyemukeli imiphumela yokhetho.
Leli qembu belibize isithangami sabezindaba lapho belichaza khona ngezinhlelo zalo njengoba ukhetho seludlulile futhi sekubekwa uhulumeni omusha.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe lusadingidwa udaba lokuthi izomiswa kanjani ikhokhasi yabo. Uhlu lweMK lubukeka lugqishe ngamagama angaziwa kangako kwipolitiki.
UNdhlela, obembiwa ukuthi akhulume, uthe bazomemezela konke ngesikhathi esifanele.
“Sishilo nje ukuthi siyaya ePhalamende, sinikeni ithuba silungise kahle sizomemezela. Sisayixoxa indaba yokuthi uhlu lwethu luzoma kanjani. Nizobona ngathi sesiyofunga ePhalamende bese nibona yonke into,’’ kuchiliza uNdlhela.
Akafunanga ukuphuma nosuku abazoya ngalo ePhalamende.
Uhlu lweMK seluke lwashintsha ngenxa yokuphuma kwabantu ababili, okunguMengameli wayo uJacob Zuma ,nowabhalisa iqembu uMnuz Jabulani Khumalo.
UZuma wachithwa yinkantolo yathi ngeke akwazi ukuba yilungu lePhalamende ngoba walahlwa ngecala wagwetshwa, wayohlala ejele. UKhumalo uchithwe yiMK emuva kokuthi imxoshile yamkhipha ohlwini lwayo.
UNdhlela udalule ukuthi bazoxoxa nangokuthi ngubani ozohola ikhokhasi yeqembu ePhalamende ukuze lifike kuzwakale. I-MK inezihlalo ezingu-58 ePhalamende ezithole iqala nokungenela ukhetho. Ithole izihlalo ezingu-37 eSishayamethetho KwaZulu-Natal, kanti amalungu ayo asefungisiwe.
Nakuba i-MK iya ePhalamende kodwa isakhala ngemiphumela yokhetho futhi ithi izoqhubeka isebenzise izindlela zezomthetho ukuze ithole ubulungiswa.
I-MK isiwafakile amaphepha eNkantolo yezoKhetho imangalela i-IEC, iyisola ngokungahambisi izinto kahle. Ummeli we-MK u-Advocate Dali Mpofu, uthe kungenzeka baye nasezinkantolo ezingaphandle kwezwe.
Kwenzeka konke lokhu nje iPhalamende selihlalile ngaphandle kweMK lakhetha uSomlomo, iPhini likaSomlomo, noMengameli.