ABAZALI babafundi baseSidumbini Primary, ngasoThongathi bavale amasango esikole bethi sekuphele unyaka izingane zabo zinethwa yizimvula zisemakilasini.
Laba bazali bathi angaphezulu kweshumi amakilasi aphephuka nyakenye ngoFebhruwari, abahloli bafika ngesikhathi kusanda kuphephuka bathembisa ukuthi bazobuya masinyane kodwa sekuphele unyaka bengabuyi.
Omunye umzali obeyingxenye yabazali abebevale isango ekuseni izolo, uthe uyazi ukuthi bazogxekwa ngokuthi baphazamisa ukufunda kodwa vele izingane zabo ziphazamisekile ngoba uma lina ziyalova.
“Ilanga elishisayo langoJanuwari noFebhruwari liphelele kuzo izingane zethu. Sesibona sekungena ubusika obulandelayo kungalungiswa. Uthishanhloko uma simbuza uthi wakwenza konke okwakumele akwenze. Sifuna ukuthi abahloli babuye bazosichazela ukuthi yini ebambile. Kulindweni, kumele kuze kuphephuke nengxenye esasele yophahla?” kusho yena.
Usihlalo wesigungu sabazali kulesi sikole uMnuz Kwazi Mngadi, uthe bengabazali babone ukuthi basebenzise enye indlela yokubiza umnyango ukuthi usondele.
“Ikota yokuqala yonyaka abafundi abaqedanga ukubhala ngoba belina silokhu sibalovisa, manje siyabona ukuthi njengoba kungena ubusika nje kunezinye futhi izinsuku izingane ezingeke ziye ngazo esikoleni ngenxa yesimo sezulu. UMnyango wezeMfundo uzithele ngabandayo ngalolu daba. Sifuna ukuthi usondele ngoba njengamanje uqhelile kithina, abahloli bafika kanye ngemuva wesiphepho, abasabuyi bezosichazela ukuthi yini ebambe ukuthi isikole silungiswe,” kusho yena.
Uqhube wathi bazowavala amasango kuze kube abahloli bayafika, bezochaza.
“Asizimisele ngokulimaza impahla yesikole ngoba izingane zethu ziyayidinga kodwa sizovala amasango, kungafundwa,” kusho yena.
UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, usigxekile isenzo salaba bazali wathi ukuvala kwabo amasango esikole kuphazamisa ukufunda nokufundisa.
“Abazali banesigungu esibamele okuyiso esihlangana nothishanhloko sixoxe ngezindaba ezithitha isikole, ngiyaxakeka uma iSGB nayo ithi ayazi ukuthi yini ebambile kodwa ibe ikhuluma nothishanhloko. Siwumnyango silandela imithetho ethile uma kulungiswa izikole kuye ngokuthi umonakalo ungakanani. Uhlelo lwamathenda nalo lunemigomo, njengoba abazali bevale amasango nje uma abafundi sebefeyila yibo futhi abazobuya bezokhala kube kuyibo abaphazamisa ukufunda. Uma bengawuyeki lo mkhuba wokuvala amasango sizothumela amaphoyisa, abasuse, “ kusho yena.