UMMANGALELWA wesine ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uMthokoziseni Maphisa, uthi wayexhumana nommangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya ngoba uwumshana wakhe.
UMaphisa uthumele ummeli wakhe, u-Advocate Zithulele Nxumalo, ukuthi achazele inkantolo ngokuxhumana kwakhe noSibiya ngaphambi nangemuva kokufa kukaMeyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Abalisa abahlanu ababhekene necala, kusolwa ukuthi bamkakisa okwenyamazane uMeyiwa bethengiwe.
UMbuso uthi abamangalelwa bayazana bakuhlela bonke ukufa kukaMeyiwa behlangene ehostela. UMbuso uthi abanye bama ngaphandle, abanye bangena ngaphakathi mhla kuyojuqwa uMeyiwa.
Ummeli uNxumalo ubepheka ngemibuzo ungoti wamaselula uLieutenant Colonel Gideon Gouws oveze ukuxhumana kwabamangalelwa. UGouws uthe uNtuli waxhumana nabobonke abamangalelwa.
UMaphisa uvume nokwazana nommangalelwa wesithathu uMncube athi wumngani wakhe omkhulu. UMaphisa uthe kodwa wayengamazi ummangalewa wokuqala uBongani Ntanzi, waqala ukumbona enkantolo eBoksburg.
Ummangalelwa wesithathu uMthobisi Mncube, uthe ubengabazi abamangalelwa owokuqala nowesibili, waqala ukubabona eNkantolo yeMantshi eBoksburg, ngo-2020.
Kuqaphelekile ukuthi abamangalelwa bakubheke ngabomvu lobu bufakazi bamaselula ngoba bebelalele bethe njo amehlo. Abanye bebephethe amabhuku namapeni bebhala. Babuye baxoxe banikine amakhanda, bahleke.
Ungoti wamaselula uGouws, uthe akakwazi ukuzwa ukuthi abamangalelwa babexoxa bethini ezingcingweni kodwa ukwazi ukubona ukuthi baxhumana isikhathi esingakanani.
Phambilini,. ungoti wamaselula wadalula ukuthi uKelly Khumalo wake waxhumana nommangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli kodwa kwangavela ukuthi babexoxa bethini.
Kulindeleke ukuthi icala liqhubeke namuhla lapho ummeli u-Advocate Zandile Mshololo azopheka khona uGouws ngemibuzo.
IJaji uRatha Mokgoatlheng liyalele ojele ukuthi basheshe babalethe abamangalelwa bengalokhu bebika izaba bekhomba isiminyaminya emgwaqweni.