INHLANGANO yabaphathi bamanyuvesi kuleli, i-Universities South Africa (USAf), ikhale ngezinkinga ezidalwe yisikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ukuthi zizokwenza singalawuleki isimo kulezi zikhungo ngenxa yeziteleka zezitshudeni.
Le nhlangano ithe lezi zinkinga zizofaka shi izikhungo ezilweletini.
UDkt Phethiwe Matutu, isikhulu esiphezulu se-USA, uthe izikhungo eziningi zimise ukufunda, ezinye zanquma ukuthi kufundwe ngobuchwepheshe ngenxa yemibhikisho eqhubekayo yezitshudeni.
Uthe izitshudeni zikhala ngokuphucwa iqatha kozakwabo unyaka usuphakathi nangohlelo lokuzikhokhela ngqo imihlomulo evela kwiNSFAS ekhokhwa izinkampani ezizimele.
“Sikhathazekile ngemibhikisho kwesinye isikhathi enodlame equbuka ezikhungweni ngenxa yezinkinga zeNSFAS. Sasikhalile ngohlelo lokukhokhelwa ngqo kwezitshudeni, ukuthi lungase lube nezinkinga ikakhulu njengoba lungahlolwanga kancane kancane. Okwasikhalisa ngalo wukuthi kuzokhokhelwa izitshudeni ezishiye phakathi izifundo noma lezo ezingayi emakilasini.”
Uthe akukwazi ukuthi iNSFAS ingaphuca izitshudeni uxhaso maphakathi nonyaka noma kungathiwa kukhona uphenyo obelwenziwa.
“Sizame kaningi ukufuna umhlangano noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, kodwa ungaphumeleli. Sinxusa ukuthi kube nomhlangano ophuthumayo naye kanjalo neNSFAS ngoba amanyuvesi abhekene nenkinga.”
Amanyuvesi amaningi abhekene nemibhikisho yezitshudeni ezikhala ngalolu hlelo olusha lokukhokhwa kwemihlomulo, ukuphucwa kwezitshudeni uxhaso nezinye izinkinga.
INSFAS isibize isithangami sabezindaba namhlanje lapho lesi sikhwama sizocacisa khona ngezinkinga ezibhekene nezitshudeni ezikhungweni ezehlukene.
Esitatimendeni esikhishwe yilesi sikhwama, siveze ukuthi u-86% wezitshudeni sezilutholile uxhaso.
Sithe u-14% awukazitholi izimfanelo, sathi sisebenza ngamandla ukukhokhela abasele.
Abalesi sikhwama bathe sebekhokhele izitshudeni ezingu-357 693 ngaphansi kohlelo olusha.
Abaphathi beDurban University of Technology (DUT), okuvinjwe izitshudeni ebezizama ukungena kulesi sikhungo ngenxa yezikhalazo ngeNSFAS, bathe kuzoqala ukufundwa ngohlelo lobuchwepheshe kusuka namhlanje kodwa inyuvesi ngeke ivalwe.
Ngokwezibalo ezikhishwe yiNSFAS, i-Unisa yisona sikhungo okusakhokhelwe kuso izitshudeni eziningi ngaphansi kohlelo olusha njengoba kukhokhelwe ezingu-51 576, kulandele iTshwane University of Technology ngezingu-34 303 ne-UKZN ngezingu-22 709.
EDUT zingu-21 151 izitshudeni ezikhokhelwe, oNgoye zingu-11 415 kuthi eMangosuthu University of Technology zibe ngu-8 516.
Ngeledlule oNgoye kumiswe ukufunda ukuze izitshudeni zilungise izinkinga zeNSFAS.