AMAQEMBU aphikisayo KwaZulu-Natal agxeke i-ANC ngokuvumela iPhini likaSihlalo wale nhlangano, uMnuz Mike Mabuyakhulu, ukuba aqhubeke nomsebenzi wakhe yize ebhekene namacala enkohlakalo.
Ngenyanga edlule i-ANC esifundazweni yacela abaholi bayo ababhekene namacala asezinkantolo ukuba bahoxe ezikhundleni.
UMabuyakhulu owaqokwa ukuba yiPhini likaSihlalo engqungqutheleni eyayingoJulayi 2018, usabhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa uR28 million owakhokhwa uhulumeni wesifundazwe ngo-2012 ngomcimbi iNorth Sea Jazz Festival, ongabanga khona.
UMabuyakhulu nowayeyiMeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumele, yena owasuswa ekubeni yikhansela elijwayelekile waba yilungu lePhalamende, bobabili bacelwa ukuba bahoxe ezikhundleni.
Izimpawu eziveza ukuthi uMabuyakhulu uyaqhubeka nemisebenzi yakhe zibonakale kwi-Poster yakwa-ward 13, lapho i-ANC eMoses Mabhida, ihlele isifundo azokhuluma kusona nge-ANC neSACP ngeSonto.
Kuleli sonto, okhulumela i-ANC, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe isigungu esiphezulu esifundazweni, sithole umbiko othe akuhoxiswe kancane ukumiswa kwakhe.
UNtombela uthe lokhu kwenzeke ngemuva kokuba uMabuyakhulu kukhona akwethule kwikomiti eliqondisa ubugwegwe, eligculisekile ngombiko wakhe.
UMnuz Vusi Khoza we-EFF, uthe bakuqaphelile ukuthi uMabuyakhulu uyabuyiswa emisebenzini yakhe yize ebhekene namacala.
Umholi weDA esifundazweni uMnuz Zwakele Mncwango, uthe i-ANC ayizimisele ngokumisa amalungu ayo abhekene namacala.
“Bebedlala ngomphakathi nje ngoba ngokwabo siyiziwula. Leli komiti eliqondisa ubugwegwe lisetshenziselwa ukulwa izimpi zangaphakathi kwi-ANC,” kusho uMncwango.