INHLANGANO elwa nokuhlukunyezwa ngokobulili i-Act Now Movement, ithi ifuna iziboshwa eziboshelwe ukuhlukumeza abantu besifazane nezingane, zingondliwa ngemali yabakhokhi bentela, kodwa zondliwe yimindeni yazo.
Isho kanje le nhlangano esitatimendeni sayo esiyizikhalazo zokwanda kokuhlukunyezwa ngalolu hlobo ngenkathi kade inemashi yokuhambisa lezi zikhalazo ehhovisi likamengameli Cyril Ramaphosa ePitoli ngeSonto.
Le ncwadi yezikhalazo yemukelwe yaphinda yasiyinwa nguNkk Maite Nkoana-Mashabane onguNgqongqoshe wezindaba ezibhekele abesiFazane, iziNgane nabaKhubazekile ehhovisi likamengameli.
“Kumele izinkantolo zisibuyekeze kabusha nesigwebo esinikezwa abantu abenza amacala alolu hlobo. Namaphoyisa kumele angavumi uma sekuvulwe amacala kube khona abathi bafuna ukuwahoxisa,” kusho isitatimende sale nhlangano.
Le nhlangano iphinde yakhala ngokungasebenzi ngendlela efanele kwamaphoyisa, iwasola ngokuyekelela abesifazane uma sekumele kuhanjiswe izincwadi zezivimbelo zenkantolo kulabo okumele ziye kubona.
“Kunesinye sezigameko lapho okuye kwaphoqeleka khona ukuthi owesifazane aze azihambisele yena incwadi yezikhalazo ngoba engalutholi usizo emaphoyiseni,” sisho njalo.
UNkk Nkoana Mashabane wethembise ukuthi uhulumeni uzozibhekelela lezi zikhalazo.
Iphini likaNgqongqoshe wezamaPhoyisa uMnuz Cassel Mathale, uthe akukho okufihliwe okungekho kuphenywe ngokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Kumele siwancome amaphoyisa ngasekwenzile ukubopha abasokwa ezigamekweni zakamuva,” kusho uMathale.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa kuzwelonke uMnuz Ronald Lamola, uthe:
“Njengoba ningibona nje nami ngifike nomfana wami ngoba ngingahambisani nezenzo zokuhlukunyezwa ngokobulili”.
Uthe umnyango wakhe uzoyibuyekeza eminye imithetho, njengokuthi noma ngabe owesifazane wadlwengula eminyakeni engu-20 edlule, angakwazi ukuvula icala.