UHLANGOTHI lwasendlunkulu oluphakamisa uMntwana uSimakade kaZwelithini, luthi alugudluki kwelokuthi uyiSilo samaZulu njengoba luveza ukuthi nguyena ongeniswe ngesiko lasendlunkulu esibayeni wagcotshwa njengonomthebe wesizwe.
Okhulumela lolu hlangothi, uMntwana uMandlakapheli Zulu, ephawula ngokugcotshwa nokungeniswa esibayeni kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, uthe lokhu bekuwumcimbi nje, wathi bona basamile ekutheni uMntwana uSimakade nguyena owangeniswa esibayeni kulandelwa isiko lasendlunkulu.
“Lokhu abebekwenza ngoMgqibelo asikugqizi qakala, okwabantu nje abanezinhloso zabo. Ngesikhathi kufakwa Ingonyama uSimakade esibayeni inyanga yayigcwele ngoba vele isiko lisho njalo kodwa beyingekho ngoMgqibelo, okufakazela ukuthi bekuwumcimbi nje, ” kusho uZulu.
Uthe bazoqhubeka nokufaka ingcindezi kuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngoba bakholwa ukuthi wenza okuphambene nendlunkulu kwazise amagama ayehanjiswe kuye yindlunkulu ayemabili, kodwa wachema nelilodwa. Uthe umengameli akawubuyisanga umbiko ekutheni, kwenzakaleni ngelinye igama?
Ngesonto eledlule, kuvele olunye uhlangothi olweseka uMntwana uBuzabazi kaZwelithini wasesigodlweni KwaDlamahlahla ukuthi athathe isihlalo, oluholwa wuMntwana uMbonisi. Lwakugxeka ukungeniswa kukaMntwana uSimakade esibayeni kodwa uZulu uthe baphoxeke kakhulu ngokwenziwa wuMntwana uMbonisi njengoba uBuzabazi engowasekhohlo, okungenzeki ukuthi uMntwana wasekhohlo athathe isihlalo.
Imizamo yokuthola uhlangothi olweseka uMntwana uBuzabazi ayiphumelelanga njengoba ucingo lokhulumela lolu uhlangothi, uMntwana uMbonisi, belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Yize kunjalo, izazi zamasiko zikushayele ihlombe ubuhlakani obukhonjiswe iSilo uMisuzulu kaZwelithini enkulumeni yakhe yokubeka phambili umndeni, nesifiso sakhe sokuthi ngelinye ilanga bakwazi ukuhlala phansi babuyisane.
ISilo sethula inkulumo siveze ukuthi sinesifiso sokuthi abasiphikisayo babuyele ekhaya babumbane, kube nokubuyisana ngoba ekugcineni bawumndeni, sisola isandla semfene ngombango wesihlalo.
Isazi samasiko, uSolwazi Sihawukele Ngubane, sithe iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sishayele isipikili sokugcina ngodaba lwesihlalo sobukhosi. UNgubane uxoxe neSolezwe, emuva kokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, senzelwe umcimbi singeniswa esibayeni ukuyobikwa koyisemkhulu asebalala. Indumezulu yomcimbi ibisesigodlweni KwaKhangelamankengane. Ubuhanjelwe yizinkumbi zabantu nabaholi abahlukene e-Afrika.
UNgubane uthe iSilo sikhombise ubuhlakani kwazise abasibangisayo ngabafowabo okufanele kugcine kubuyiswene nabo. Uthe ukuphuma kwabantu ngobuningi, kukhomba ukuthi iSilo uMisuzulu siwumuntu onamandla.
UNgubane uthinte nodaba lokubonakala kukaNdlunkulu ukaMafu wasesigodlweni Ondini, ongowokugcina kwabagane iSilo uZwelithini kaBhekuzulu esingasekho. UkaMafu odabuka eSwatini, wuyena kuphela obekhona kondlunkulu beSilo esikhotheme, abanye bebengabonwa.
“Kube kuhle ukuvela kwakhe uNdlunkulu ukaMafu. Kufanele kukhumbuleke ukuthi ondlunkulu bahanjelwe wumyeni wabo esikhaleni bengazelele, kungenzeka lokho kudale ukudideka nesiphithiphithi,’’ kuchaza uNgubane.
USolwazi Jabulani Maphalala uthe ngokwakhe ukubona, ukubakhona kuka kaMafu kumele kukhunjulwe ukuthi wafika kanjani, ngoba ngaphandle kokuthi wafika njengempelesi kanina weSilo ebesibekwa, wagcina esegane uyise, vele lokho kusho ukuthi ukhule esondelene nokaMafu.
Uthe kulindeleke ukuthi kubonakale ukuthi iyogcinaphi njengoba kwangeniswa uMntwana uSimakade esibayeni yize yena owakhe umcimbi wawuhanjelwe abantu abayimbijana. NgoMgqibelo sibone kwenzeka okufanayo, iSilo uMisuzulu singeniswa esibayeni saphinde sakhuluma njengeNgonyama kodwa kowaso umcimbi abantu bebeyinkumbi.
Mayelana nesifiso seSilo uMisuzulu kaZwelithini sokuhlanganisa umndeni, uthe kudingeka umxazululi wangaphandle ozoba ongachemile emehlweni abo bobathathu (ISilo uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana uSimakade noMntwana uBuzabazi)
“Angisho ukuthi angeke bakhumelane umlotha kodwa ngokwami ukubona, ukuhlanganisa abantwana bagcine bebona ngasolinye embangweni wesihlalo sobukhosi, angeke kube yinto elula nengenzeka ngokushesha. Ukuqhubeka nokuyilwa ezinkantolo kungadala ukuthi le mpi iye phambili. Umxazululi wangaphandle ongachemile angasiza ukuthi kusheshe kufinyelelwe esixazululweni,” usho kanje.