UMNYANGO weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha usuthembise abasebenzi ukuthi bazoqala bawuthole uchatha wabo owukheshi kusuka kusasa.
Umqondisi jikelele walo mnyango, uNksz Yoliswa Makhasi, uthe le mali bazoyikhokha ngokwesivumelwano samaholo sakamuva nezinyunyana zabasebenzi.
Uthe imali bazoyikhokha isuka ku-Ephreli 2021. Ngokwesivumelwano, abasebenzi bazothola imali engukheshi isuka kuR1 200 iya kuR1 695 baphinde banyuselwe nomholo ngo-1.5%.
“Bonke abasebenzi bazoyithola imali ngoSepthemba 16, kuthi amalungu ombutho wamaphoyisa iSouth African Police Service, azothola le mali ungakashayi uSepthemba 20, 2021,” kusho yena.
Uthe bamatasa nohlelo lokukhokha le mali engukheshi kubasebenzi abayitoho wathi lokhu kuzophothulwa maduzane. Ubalule ukuthi u-1.5% wokunyusa amaholo bazomemezela ukuthi abasebenzi bazowuthola nini.
“Sifisa ukubonga abasebenzi abazikhandlayo ikakhulu besiza abahlwempu ngalesi sikhathi esinzima seCovid-19,” usho kanje.
UNksz Makhasi wathi abasebenzi abaku-Level-1 kuya ku-5 bazothola uR1 220 ngenyanga engukheshi, abakuLevel-6 kuya ku-7 bona bathole uR1 352, abakuLevel-8 kuya ku-9 bathole uR1 450. AbakuLevel-10 kuya ku-11 bona bazothola uR1 640, kuthi abakuLevel-12 bona bathole uR1 695.
Le mali yatholakala emuva kokudonsa kwezingxoxo zamaholo kungekho ukuvumelana phakathi kukahulumeni nabasebenzi.
Ezinye zezinyunyana zabasebenzi okubalwa iPSA, yaze yasabisa ngokuyisa lo mnyango enkantolo ikhala ngezinto eziningi.